Izoba kuleli imidlalo yeBasketball yabahamba ngezihlalo ezinamasondo 

Lubhalwe nguThathe Msimango

Lo kuzoba unyaka obalulekile kakhulu nozokhombisa ikusasa eliqhakazile kubadlali be-basketball abahamba ngezihlalo ezinamasondo.

Lokhu kushiwo uMengameli we-Basketball South Africa, uSanele Mthiyane onezinhlelo ezinkulu ngekusasa lalo mdlalo.

Imidlalo ye-Southern Regional yokuhlungela imidlalo ye-Para African yango-2023 izoba seGoli kusukela mhla ziyisikhombisa kuya mhla ziyisishiyagalolunye kuMbasa.

Elakuleli lizokwamukela i-Angola ne-Zambia ukuze baqhudelane ngethuba lokuzibekisela indawo ohlelweni lokuqala lwemidlalo ye-Para Games e-Accra, e-Ghana, ehlelelwe uMandulo.

UMthiyane, oqokelwe ihlandla lesibili ngonyaka odlule uthe izwe linomlando omuhle wokusingatha imicimbi ngempumelelo.

Engxoxweni yakamuva ne-Scrolla.Africa, uMthiyane uthe: “Sizimisele ukwamukela i-Zambia ne-Angola kule mpelasonto. Sezimi ngomumo izinhlelo zokuba nemidlalo yokuhlunga.”

Uthe akukhona okokuqala bebamba imidlalo yokuhlunga.

“Sike sayibamba imidlalo yokuhlungela ama-Olympics sagcina sizibekisele indawo kuyona. Ngakho siyiqonda kahle inqubo futhi siyethemba ukuthi sizoqhubeka nokwenza kahle,” kusho yena.

Nakuba elakuleli lihlulekile ukungena emqhudelwaneni we-International World Basketball Federation yango-2023 e-Dubai kulo nyaka, uMthiyane uthe banezinhlelo ezinkulu zokwenza lo mdlalo ubonakale kubantu.

“I-Basketball yakuleli isalele emuva kakhulu kanti nohlelo lwesihlalo esinamasondo lusathuthuka futhi siyazi sonke ukuthi kusenomzabalazo wokungalingani kwezemidlalo ngakho lena ngenye yezinto esihlose ukuyilungisa,” kusho uMthiyane.

“Kungenzeka ukuthi ngeke siye kuma-World Champs kulo nyaka, kodwa lokho kusinikeza isikhathi sokuthi sakhe kabusha ukuze sibone inqubekela phambili.”

“Kuningi okuhle esingakuthatha njengoba sisakhulisa ezemidlalo kuleli. Kumele sibe nabaxhasi abanele abakholelwakuthina ukuze sizophumelela.”

Osesithombeni esingenhla: USanele Mthiyane

Umthombo wesithombe: SASCOC

Izihloko zakamuva