Izoba imfihlo inhlolokhono yokukhethwa kwesikhulu esiphezulu sakwa-Eskom

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Isikhulu esiphezulu esilandelayo kwa-Eskom sizoqokwa ngendlela iMeya ye-ANC, uNdunankulu noma uNgqongqoshe abathola ngayo umsebenzi ekusithekeni. 

Inhlolokhono yokuqokwa kwesikhuli esiphezulu esilandelayo iyaqhubeka ngoLwesihlanu futhi ngeke ibanjwe esidlangalaleni njengenhlolokhono yamaJaji noma yomphathi wamaJaji.

USihlalo wakwa-Eskom, uMpho Makwana, ukuqinisekisile lokhu ngoLwesithathu ekomidini lePhalamende le-Standing Committee on Public Accounts ngesikhathi kuqulwa icala lezinsolo zokukhwabanisa ezenziwe ngowayeyisikhulu esiphezulu u-Andre de Ruyter.

“Uhlelo luhamba kahle, empeleni,” kusho uMakwana. “Sinedlanzana labantu abasohlwini olufushane, futhi inhlolokhono izoqala  ngoLwesihlanu.”

Ilungu le-DA ePhalamende nophinde abe yilungu le-Scopa uRobert Lees ubuze ukuthi inhlolokhono izobanjwa yini esidlangalaleni futhi, uma kungenjalo ngabe kukhona yini okubhalwe kwimemorandamu okubavimbela ukuthi benze inhlolokhono esidlangalaleni.

“Cha, asinalo uhlelo oluzoqhubeka esidlangalaleni. Akukho lutho kumemorandamu yethu esivumela ukuthi senze kanjalo,” ephendula.

“Okwamanje, angazi uhlelo emhlabeni wonke olunenqubo ebalulekile efana nale eyenziwa esidlangalalei.”

ULees uqhubekile wathi: “Ngakho-ke akukho okuzovimba lokho?” “Angazi, mnumzane,” kuphendula uMakwana okokugcina.

ULees uthe ukubandakanya abantu ekukhetheni isikhulu esiphezulu esisha kubalulekile ngenxa yesimo esibi kwa-Eskom.

Iziteshi zikagesi zenkampani kagesi ziwohlokile kangangokuthi manje sezikhiqiza u-53% kuphela wamandla azo aphelele.

Kuyiqiniso elithusayo leminyaka eminingi yokunganakwa, ukunganakekelwa kweziteshi, ukungabibikho kwepolitiki, inkohlakalo kanye nokuphangwa okusobala kwenkampani kahulumeni okusolakala ukuthi kuhlobene ne-ANC nolwazi olugcwele ngekhabhinethi.

Nakuba izinqubo zebhodi lakwa-Eskom mayelana nokuqashwa kwesikhulu esiphezulu zisayimfihlo, okungenani amagama amathathu kwamahlanu kucatshangwa ukuthi yiwo angenele lolu hlu.

Kubalwa ibamba lesikhulu esiphezulu se-Tongaat Hulett, uMnu Dan Marokane, owake waba umphathi wakwa-Eskom oneziqu ze-master in petroleum engineering nokuphathwa kwebhizinisi.

Owesibili kubikwa ukuthi owake waba umphathi omkhulu we-Joburg City Power, uVally Padayachee, naye owayesebenza ophikweni lokuphehla ugesi kwa-Eskom ngasekupheleni kweminyaka yama-90s nasekuqaleni kwango-2000.

Kumanje emabhukwini amahle ebhodi lamanje ibamba lesikhulu esiphezulu sakwa-Eskom uCalib Cassim, owathatha lesi sikhundla ngemuva kokuxoshwa kukaDe Ruyter kuNdasa nonyaka.

Izihloko zakamuva