Lubhalwe nguThabo Molelekwa we-Oxpeckers
Kuyo yonke iNingizimu Afrika, umhlaba kamasipala kanye nomunye womphakathi uqashiselwa abathuthukisi bamandla avuselelekayo ngaphansi kwezivumelwano zesikhathi eside. Ukuthi lezi zivumelwano zihlelwe kanjani, nokuthi ubani ekugcineni ozuzayo, akukacaci. Imibuzo mayelana nokwenza izinto obala, ukwabiwa kwemali engenayo kanye nenzuzi ezotholwa umphakathi
iyaqhubeka, ikakhulukazi lapho omasipala bebandakanyeka.
Isebenzisa uMthetho Wokukhuthaza ukufinyelela kolwazi (i-PAIA), ezinyangeni eziyisishiyagalolunye ezedlule iphrojekthi ye-Oxpeckers #PowerTracker icele izivumelwano zokuqashisa kanye nemibhalo ehlobene nentuthuko yamandla avuselelekayo ezweni lonke.
Inhloso yale mibuzo, eyathunyelwa kwa-Eskom kanye nezinkampani ezizimele, kwakuwukuthola ukuthi ungakanani umhlaba womphakathi osetshenziswayo ekufakweni kukagesi ovuselelekayo eNingizimu Afrika, kanye nokuthi omasipala nemiphakathi bayayithola yini inzuzo evela kulezi zivumelwano.
Ithimba le-#PowerTracker liphinde lathintana nomasipala abambalwa ukuze lithole ulwazi mayelana nezivumelwano zomhlaba ,abanye banikeze ukubambisana okugcwele, kanti abanye bebambezela izimpendulo noma bayishaya indiva imibuzo.
Umasipala waseMthanjeni e-De Aar, idolobhana elincane e-Northern Cale, uvumile ukubambisana ngokubonisa ukuthi lezi zinhlelo zokuqashisa zisebenza kanjani nokuthi zisho ukuthini kwizakhamizi zendawo. Umasipala uqashise umhlaba enkampanini yamazwe ngamazwe ekhiqiza amandla avuselelekayo i-Globeleq, ukuze kuqhutshekwe nezinhlelo zikagesi welanga.
Indlela umhlaba owabiwa ngayo
Ngesikhathi sokuvakasha kwakamuva kwethimba le-#PowerTracker, uHumphrey Joka, oyimenenja ephezulu yezemisebenzi yomphakathi kumasipala waseMthanjeni, uchaze ngenqubo yezinkampani zamandla avuselelekayo ezifuna umhlaba kamasipala: “Izinkampani zithumela isicelo sazo kumphathi kamasipala, bese sidluliswa ku-exco kanye nomkhandlu ukuze sigunyazwe.
Izinqumo zomkhandlu kanye nokulandelwa kwemithetho kusemqoka kwizivumelwano, esho. “Umkhandlu wamukela isinqumo sokuthi uvumelane ngokusemthethweni nesivumelwano sokuqashisa, ngaphansi kwemibandela yomthetho. Uma lezi zinto seziqondile l, sinikeza imvume. Ngisho noma kungewona umhlaba wethu kodwa ngaphansi kwamandla ethu, sithintana nabo bonke ababambiqhaza abafanelekile ngaphambi kokugunyazwa.”
Ukubamba iqhaza komphakathi kanye nokuthobela imvelo kulandela ukusayinwa kwesivumelwano se-service-level kanye nememorandamu yokusebenzisana,” engeza.
UJoka uthe ukuxoxisana kukamasipala kudlulela ngale kokugunyazwa okokugcina: “Ngemihlangano yesigceme kanye nezikhathi zokuxoxisana nomkhandlu, sibandakanya imiphakathi ngaphambi kokunikeza noma yiziphi izimvume. Sihlanganisa lezi zinhlelo zentuthuko kuhlelo lwethu lwe-Integrated Development Plan ukuze zihambisane namasu omnotho.”
“Umhlaba wudaba olubucayi; noma yikuphi ukusetshenziswa komhlaba kamasipala kumele ekugcineni kuzuzise zonke izakhamizi,” engeza.
Le ndaba ikhiqizwe yi-Oxpeckers Investigative Environmental Journalism futhi yabelwa ne-Scrolla.Africa njengengxenye yokubambisana. Funda uphenyo olugcwele lapha.
Esithombeni esingenhla: I-De Aar Solar Farm.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
