Izivakashi ziyakuthokozela ukubona ama-Khoisan ePitoli 

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Kungenzeka ukuthi okwamanje abakakwazi ukudonsa ukunakwa uhulumeni kodwa izishoshovu zama-Khoisan ezinamatende ngaphandle kwase-Union Building seziphenduke into ethandwa kakhulu izivakashi.

Lezi zishoshovu zaqala ukufika ePitoli ngo-2019 ngemuva kokuhamba amakhilomitha angu-200 zisuka e-Eastern Cape.

Phakathi kwezimfuno zabo ukumenyezelwa njengezakhamizi zokuqala zakuleli, ukunikwa ingxenye yomhlaba abangahlala kuyo njengezinye izizwe zakuleli kanye nokuthi izilimi zabo zengezwe ohlwini lwezilimi ezisemthethweni zakuleli.

Uhulumeni useyishaye indiva iminyaka emine indaba yabo – kodwa manje izishoshovu zama-Khoisan zinakwa kakhulu izivakashi ezize emaholidini kuleli.

Uma abezokuvakasha bekhangisa ngezindawo bahlanganisa nokuvakashela lapho okuhlala khona ama-Khoisan e-Union Buildings.

Egqoke izikhumba zezilwane kuphela, ama-Khoisan ajwayele ukubonakala ethatha izithombe nezivakashi futhi ezibonisa indawo ahlala kuyo.

Kunokuthi babe isithiyo ezinhlosweni zabo zezombusazwe, izivakashi zisekela umbhikisho wama-Khoisan.

Kunengadi yensangu nemifino kule ndawo futhi kubukeka sengathi ama-Khoisan awayi ndawo.

INkosi uKhoisan SA ongumholi weqembu lezishoshovu zama-Khoisan uthe baphila ngeminikelo yezivakashi.

Ngaphandle kokuphiwa izivakashi besizolamba,” esho.

Kodwa-ke, uthe abakhohliwe ukuthi kungani bese-Union Buildings. Silapha ngoba siyabhikisha. Ngaphandle kokuthi izimfuno zethu zifezwe asihambi lapha,” esho.

Umqondisi wezivakashi uGerda van Zyl uthe izivakashi zibanikeza impendulo eyakhayo mayelana nohambo oluya kule ndawo okuhlala kuyo ama-Khoisan.

“Bayakujabulela ukubona abantu base-Afrika begqoke izindwangu ezinqeni futhi bengazifakile nezicathulo.

UPhilomena Harris wase-Indiana eMelika uthe ama-Khoisan amfundise lukhulu.

“Basifundisa ngendlela yokuxhumana nomhlaba futhi bathatha kancane emhlabeni. Ngicabanga ukuthi ukube sonke siphila njengabo ngabe izinkinga zethu eziningi ziphelile. Benze uhambo lwami lokuza kuleli lwaba luhle kakhulu,” esho.

Esithombeni esingenhla: INkosi uKhoisan SA exoxisana nezivakashi zaseMelika e-Union Buildings

Umthombo wesithombe: Karabo Rammutla

Izihloko zakamuva