Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
- Izinkulungwane zabafundi base-NMU azikwazi ukuqala amakilasi ngoba zisalinde ukugunyazwa koxhaso lwe-NSFAS.
- Abafundi abaningi manje bavaleleke eGqeberha bengenakudla, bengenayo indawo yokuhlala nemali yokubuyela emakhaya.
Abafundi abadinwe begane unwabu bavale inyuvesi iNelson Mandela University, eGqeberha, bathi amakilasi angeke aqale kuze kube wonke umuntu esebhalisile.
Umbhikisho uqale ngoMsombuluko, obekumele kube wusuku lokuqala lokufunda.
Abaholi babafundi bavale zonke izindlela zokungena enyuvesi batshela abafundi abebevele besekilasini ukuthi baphume.
Abafundi abaningi abebecabanga ukuthi bathole izikhala bashaqekile uma bethola ukuthi basasohlwini lwabalindile noma abakwazanga ukubhalisa. Labo abamukelwe okwesikhashana yi-NMU bajikisiwe.
Le nkinga ishiye abafundi abaningi bevaleleke eGqeberha bengenakudla, bengenandawo yokuhlala, bengenayo ngisho nemali yokubuyela emakhaya.
Abafundi bafuna inyuvesi ivumele bonke abafundi abamukelwe ukuthi babhalise ngaphambi kokuthi kuqalwe ukufunda. Bathi okungenani ababe ngu-90% abafundi okumele babhalise kuqala. Baphinde bacele imithetho evumelana nezimo mayelana nokuthi ubani ongabhalisa enesikweletu.
Ezinye izimfuno kubalwa ukukhokhwa ngokushesha kwemali yezincwadi, indawo yokuhlala yabafundi abangenalo uxhaso, ukutholakala kwamabhasi aseNyuvesi azothutha bonke abafundi, kanye nokudla okungenani kanye ngosuku kubafundi abangenalo uxhaso.
Okhulumela inyuvesi uZandile Mbabela uthe bayazi ngale mibhikisho. “Abaphathi bayayazi imibhikisho yabafundi futhi bamatasatasa nabo bonke abathintekayo ukubhekana nalesi simo. Ukusebenza kwenyuvesi, okuhlanganisa nezemfundo nokuphatha, kuzoqhubeka njengoba bekuhleliwe,” esho.
Kodwa abafundi baxoxa indaba ehlukile.
“Thina esikwazile ukungena esikhungweni ngaphambi kokuba kuqale umbhikisho sikwazile ukufunda ngosuku lokuqala lwezifundo. I-SRC yabe isiqhamuka ngaphandle yasitshela ukuthi asihambe futhi sibuye kuphela uma bonke abafundi sebebhalisile,” kusho umfundi owenza unyaka wokuqala we-BCom Accounting etshela iScroll.Africa.
UMbabela uthe abafundi bekufanele babheke ukuthi izifundo zabo, izindlu zokuhlala kanye noxhaso sekugunyaziwe yini ngaphambi kokuza e-NMU.
Isithombe ngenhla: Abafundi baseNyuvesi yaseNelson Mandela bangenele umbhikisho.
Umthombo: Anita Dangazele