Lubhalwe nguLungani Zungu
Kusuke isidumo ngoLwesithathu ngesikhathi amalungu e-EFF evala umnyango wesikole samabanga aphezulu e-Karina ku-wadi-28 eMsunduzi ngesikhathi kunokhetho lokuchibiyela obelushubile.
Kusuke ingxabano phakathi kwe-EFF ne-ANC esiteshini sokuvota ngesikhathi amabharethi abomvu esola abavoti ngokuphambana nemithetho njengoba bebedingida ukuthi bazovota kanjani.
Amaphoyisa akwazile uhlakaza le ngxabano isikhashana, kodwa idlanzana lamabharethi abomvu abe esevala indlela yokungena ethi ukhetho lokuchibiyela kuleso sikhungo sokuvota aluhambi ngendlela okufanele lihambe ngayo.
Kuphinde kwasuka enye ingxabano yesibili phakathi kwamabharethi abomvu namalungu e-ANC abefuna ukungena ezovota, kodwa amaphoyisa asheshe ayinqanda.
“Abanye abantu bashaye indiva imithetho bazenzela okwabo ingakho sinqume ukuvala umnyango wesiteshi sokuvota kuze kube kuyalungiswa,” kusho ilungu le-EFF uSthabiso Mkhize etshela i-Scrolla.Africa.
UMkhize uthe akumele abavoti baxoxe ngokuthi bazovotela bani ngaphakathi esikhungweni ngoba lokho kuphambene nemithetho ye-Independent Electoral Commission.
Bangaphezu kuka-9 000 abantu ababhalisele ukuvota ku-ward 28 ngokusho kwe-IEC, nokwenza kube ukhetho lokuchibiyela olubhekwe ngabomvu. Le wadi ingene enkingeni ngemuva kokuthi i-DA ihoxise ubulungu bowayeyikhansela labo uLucky Naicker owangenela le wadi ngokuzimela.
Phambilini i-DA isole iMeya ye-ANC eMsunduzi, uMnu Mzimkhulu Thebolla ngokukhipha amaphasela okudla ngenhloso yokunxenxa abavoti ukuthi bavotele inhlangano.
UThebolla ophinde abe nguSihlalo we-ANC esifundeni i-Moses Mabhida ubonakale enikeza isakhamuzi ukudla ngaphambi kokhetho lokuchibiyela.
Khonamanjalo, ku-ward 9 amalungu e-IFP ne-EFF abecula echwaza ngesikhathi sokhetho lokuchibiyela eMtubatuba kanti i-ANC ivinjiwe ukuthi ifake umuntu ozongenela ukhetho ngemuva kokuthi leli qembu lihlulekile ukukhokha imali yokubhalisa ngesikhathi.
Imizamo ye-ANC ngomzuzu wokugcina yokungenela ukhetho lokuchibiyela kule ward ayizange iphumelele ngemuva kokuthi inkantolo yoKhetho isichithile isicelo sayo.
UMasipala waseMtubatuba njengamanje uphethwe umfelandawonye we-IFP, ne-EFF.
I-IEC ithe bangaphezu kuka-4 000 abavoti ababhalisele ukuvota obekulindeleke ukuthi bathathe uhambo oluya ezikhungweni zokuvota ku-ward-9.
UNtombifuthi Masinga oyisikhulu sokhetho esifundazweni utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ukhetho luhambe kahle ngaphandle kwezigameko ezimbi zokungaboni ngaso linye.
Imiphumela esemthethweni kulindeleke ukuthi ikhishwe namhlanje.
Ekuqaleni bekulindeleke ukhetho ezindaweni ezintathu okubalwa KwaZulu-Natal, okubalwa kuzo e-Dannhauser, eMtubatuba, naseMsunduzi.
Nokho ukhetho lokuchibiyela e-Dannhauser luhlehliselwe umhla ziyisishiyagalombili kuNdasa kulandela ukuphikiswa kohlu lwabavoti.
Esithombeni esingenhla: Amalungu e-EFF abengqubuzana nozakwabo be-ANC ngesikhathi kuvotwa okhethweni lokuchibiyela eMsunduzi.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe