Izitoyitoyi zilwisana nomthetho ocwasayo wase-Uganda 

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Umthetho omelene nabantu abathandana nobulili obufana nobabo ophasiswe nguhulumeni wase-Uganda ungumthetho ocindezela amalungelo abantu. 

Lowo kube umyalezo oqhamuke kumholi we-EFF uJulius Malema, ohole imashi e-Tshwane ngoLwesibili ephikisana nalo mthetho. 

Abalandeli abaningi be-EFF kanye nezishoshovu ze-LGBTQI+ ezivela e-Uganda zigcwale imigwaqo yasePitoli njengoba bebemasha besuka e-Magnolia Park beya e-Uganda High Commission.

“Silapha ukuzotshela uMengameli wase-Uganda uMuseveni ukuthi uma umphakathi we-LGBTQI+ ungakhululekile e-Uganda asikhululekile nathi. Ubuhlungu obuziwa abantu base-Uganda nathi siyabuzwa,” kusho uMalema.

UMalema uthe njengoba bekwikhomishana balwa nokubulawa kwabantu kanti lo mthetho ubukeka ukhombisa ubuwula.

NgoNdasa kulo nyaka, iphalamende lase-Uganda lagunyaza ngazwi linye umthetho omelene nabantu abathandana nobulili obufana nobabo onesijeziso esikhulu sokubulawa noma ukugqunywa ejele uma wenze amacala ahlobene nalokhu.

Lo mthetho usulinde ukuthi uMengameli uYoweri Museveni asayine ukuze ube umthetho osemthethweni. 

“Uma uMengameli wase-Uganda ekwazi okumlungele, akumele aphasise lo mthetho. Mhlawumbe uMuseveni naye unemizwa yobulili obufana nobakhe kungenzeka aphumele obala ngelinye lamalanga, kodwa kancane kancane uMuseveni uyaphuma,” kusho uMalema.

Uthe lo mthetho uzosetshenziselwa ukulwa nabaphikisana nepolitiki.

UMalema uthe labo abaxhumene nepolitiki ngeke babhekane nolaka lwalo mthetho ohlongozwayo.

“Lokhu kuzocindezela abampofu nalabo abaxhumene nabo. Siyibonile indlela amphatha ngayo uBobi Wine. Lo mthetho ungase umenze athi uBobi Wine uthandana nobulili obufana nobakhe ukuze kuqedwe izimbangi zakhe.”

Isishoshovu sase-Uganda, uPapa De utshele izinkumbi zabantu ngobunzima abhekane nabo njengomuntu othandana nobulili obufana nobakhe.

“Ngingumthwebuli wezithombe futhi ngingumfundi waseNyivesi, kodwa kudingeke ngiyeke izifundo zami ngenxa yokushushiswa. Ngashaywa ngaboshelwa ukuba yimina,” kusho uPapa De.

“Bazocasha kuze kube nini bengenayo imali engenayo? Sizingelwa okwezilwane futhi abantu bakithi bayadlwengulwa. Kungani singazikhetheli, silale nonoma ubani esifisa ukulala naye?”

UMajor General Fred Ociti Tolit, oyisikhulu sezempi e-Uganda People’s Defence Force wamukele imemorandamu ye-EFF futhi wathembisa ukuyidlulisela kubantu abathintekayo.

Esithombeni esingenhla: UJulius Malema we-EFF enxusa uMengameli wase-Uganda u-Yoweri Museveni ukuthi angawusayini umthetho ocindezela abantu abathandana nobulili obufana nobabo

Umthombo wesithombe: UKarabo Rammutla

Izihloko zakamuva