Izitolo ezingamaspaza kufanele zibhalise ngaphambi kokuphela kwenyanga

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Izitolo ezingamaspaza kumele zibe sezibhalisile ngomhlaka-28 kuNhlolanja ngemuva kokuthi kushone izingane ezingaphezu kuka-30 ngokudla okunoshevu kusukela ngoMandulo wanyakenye.

Uhulumeni uxwayisa abantu bakuleli ukuthi bangasizi abokufika ngokungekho emthethweni babhalise izitolo ngamagama abo.

Abanikazi bezitolo ezingamaspaza basalelwe isikhathi esingaphansi kwamasonto amabili ukuthi babhalise amabhizinisi abo ngemuva kokushona kwezingane eziningi ngokudla ukudla okunoshevu.

Umnqamulajuqu ungomhlaka-28 kuNhlolanja kanti izikhungo zokubhalisa zivuliwe phakathi nesonto kubo bonke omasipala.

Umgilwa wakamuva u-Azra Rahim wase-Brakpan, eKurhuleni ushone ngomhlaka-30 kuMasingana ngemuva kokudla ukudla okulula (amachips eGo-slow) awathenga espaza eBenoni.

Ukuhlolwa kwabonisa ukuthi ukudla okulula kwakune-terbufos, ushevu osetshenziselwa ukubulala amagundane nezinambuzane.

Sekubulawe izingane ezingaphezu kuka-30 kusukela ngoMandulo, nokuphoqe uhulumeni ukuthi afune zonke izitolo zokudla zibhaliswe.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo uFoster Mohale uxwayise ngokuthi amakhemikhali ayingozi afana ne-terbufos ne-aldicarb (eyaziwa ngeGaliphirimi) awavumelekile ezindlini.

“Abazali, izikole kanye nabanakekeli kumele baqinisekise ukuthi izingane zigcinwa ziphephile futhi ziphilile emikhiqizweni yokudla okunoshevu,” usho kanje.

Umnyango uthole ukuthi kukhona abokufika ngokungemthetho abenza abantu bakuleli babhalise izitolo ngamagama abo.

UMohale uthe lokhu kwephula umthetho we-Immigration Act.

“Uvimbela noma ngubani, abantu baseNingizimu Afrika noma abokufika ukuthi basize basize abokufika abangekho emthethweni nganoma iyiphi indlela, okuhlanganisa nokubhalisa ibhizinisi egameni labo.”

Uthe abokufika abaseNingizimu Afrika ngokusemthethweni abanamaphepha afanele kumele balandele imithetho efanele.

“Uhulumeni uzoqhubeka nokukuqapha lokhu njengoba sekusondele umnqamulajuqu wokubhalisa, noma ngubani ozotholakala ephule imibandela yomthetho uzobhekana nengalo yomthetho,” kusho uMohale.

Esithombeni esingenhla: Ukubhaliswa kwesitolo iSpaza.

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva