Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Ingaphezulu kuka-500 imindeni yaseWestern Cape ekhahlanyezwe yizikhukhula nemililo ethole amaphasela okudla nezitofu zegesi.
AbeGift of the Givers bathi bangaphezu kuka-2-million abantu abakhahlanyezwe yizikhukhula zikaNtulikazi noNcwaba.
“Bengingakholwa ukuthi sizoluthola usizo,” kusho uNomfundo Dyantyi (70) emamatheka ephethe isitofu sakhe esisha segesi. “Ukudla abasinike kona kuzosisiza ibanga elide.”
UNomfundo ungomunye wabangu-500 abakhahlamezwe izikhukhula nemililo eWestern Cape abathole iminikelo kuPhini likaNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uTandi Mahambehlala, iGift of the Givers kanye neTotal Energies.
Imindeni yasePhilippi, eGugulethu, eSamora naseStrand ithole amaphasela okudla nezitofu zegesi ezihamba nesigubhu saso isisi (gas).
“Sibanikeza izitofu zegesi ngoba ziphephile kunokuxhuma ugesi ngokungemthetho okudala umlilo,” kusho uMahambehlala. “Siyazi ukuthi igesi ayishibhile futhi akuwona wonke umuntu ongakwazi ukuyikhokhela.”
U-Ali Sablay weGift of the Givers uthe izikhukhula zikaNtulikazi noNcwaba zihlasele abantu abangaphezu kuka-2-million emijondolo yaseWestern Cape.
“ITotal Energies ithintwe okwenzeke ePhilippi yafuna ukusiza,” usho kanje. “Uma kungezona izikhukhula, kuyasha. Ukubona izakhamizi zijabule namuhla kusho lukhulu kuthina.”
ULimise Ndike (34) uyavuma ukuthi izitofu zegesi zizosiza.
“Siyazi ukuthi ukuxhuma ngokungemthetho kuyingozi kodwa sidinga ugesi. Abanye abantu abakwazi ukuthenga izitofu zikapharafini nopharafini nsuku zonke,” usho kanje.
UMahambehlala uthe sebethole imizi eminingi ephethwe izingane.
“Siyajabula ngokuthi singabasiza. Sisanda kusiza abagilwa abangu-300 e-East London,” kusho yena.
Unxuse ezinye izinkampani nabantu ukuthi balule izandla: “Uma sisebenzisana, singenza okukhulu.”
Esithombeni esingenhla: Abakhahlamezwe izikhukhula zaseWestern Cape kanye nemililo bathola iminikelo evela kwezokuHlaliswa Kwabantu ngokubambisana neGift of the Givers kanye neTotal Energies.
Umthombo: UBuziwe Nocuze
