Izithembiso zikaMagashule angazigcinanga sezishiye abafundi bengenayo indawo yokuhlala ezweni langaphandle

Lungani Zungu

Ngonyaka wezi-2019 abafundi base-Free state babejabulile ngesikhathi u-Ace Magashule ebahambisa e-Turkey wase ebathembisa ukubakhokhela izifundo zabo.

Kodwa manje, ngemuva kweminyaka emithathu, abafundi abaneminyaka engama-20 kuya kwengama-28, basele dengwane futhi bayafa indlala ngemuva kokuba inhlangano yesikhwama sika-Ace Magashule, esathembisa ukubakhokhela, sesibashiye kanjalo.

Abafundi basenyuvesi ezimele ebizwa nge-Bahcesehir endaweni yase-Istanbul, bakhishiwe ezindaweni zabafundi zokuhlala, basale bengenayo ngisho into abazolala beyidlile ngokusho kwe-Sunday Times.

Abafundi abaningi, abaqhamuka emndenini enhlwempu esifundazweni sase-Free State, okuyisifundazwe lapho uMagashule wake waba uNdunankulu khona, sebephila ngokucela ukuze bakwazi ukuphila.

Abanye balala emapaki omphakathi abanye bathola izindawo zokulala emakhaya abantu abathanda ukubasiza. 

“Abaphathi abalawula izindawo zokuhlala e-Ankara baphoqeleke ukuba bakhiphe imali emaphaketheni abo ukuza bazamele abafundi abangama-21 kwifulethi elinamagumbi amabili ngemuva kokukhishwa ngendluzula lapho kade behlala khona, lokhu kushiye abanye belala emapaki” kubika i-Sunday Times. 

U-Ace Magashule obhekene nezinkinga zemali njengoba ekhokhela abammeli ukuze alwe nokubuyiselwa emsebenzini wakhe, useyahluleka nokukhokhela indawo yokuhlala abafundi ezimele ebizwa nge-Bogazici Student Dormitories.

Ophethe indawo yabafundi wanika inhlangano ka-Ace isixwayiso ngoNhlaba ukuthi uzobakhipha abafundi endaweni yakhe uma engakhokhelwa. 

Lokhu kwenzeka ngalenyanga uMagashule amiswa ngayo ukuba unobhala-jikelele weqembu le-ANC ngesikhathi ebekwa izinsolo zemali eyakhishwa yethenda eyizigidi ezi-255 zamarandi ezakhishwa ngesikhathi esanguNdunankulu.

“Okwamanje abanye abafundi bafakwe kwenye indawo yasehhotela ebiza kancane ekhokhelwa abaphathi abalawula izindawo ngesikhathi ababamba iqhaza besahlanganisa amakhanda”, kanti okhulumela umnyango wobudlelwano bamazwe ngamazwe nokubambisana uLungani Ngqengelele uyena obekhuluma lokhu. 

I-Scrolla.Africa sizamile kaningi ukuthinta uMagashule kodwa akuphumelelanga njengoba umakhalekhukhwini wakhe ubuvaliwe futhi akazange aphendule kwimiyalezo ashiyelwe yona.

Izihloko zakamuva