Izithembiso ezingafeziwe

Elmon Tshikhudo

Umgwaqo omusha uvamise ukuba yinto ejabulisayo, kodwa kubahlali base-Muledane ngaphandle kwase-Thohoyandou e-Limpopo, uyisikhumbuzo esibuhlungu samanga nezithembiso ezingafeziwe.

Abanikazi bezindlu abangama-77 be-Muledane Vhatukanani Concerned Group abahlala kule ndawo bathi, uhulumeni wathembisa ukubakhokhela ngokulahlekelwa ababhekana nakho ngesikhathi bethuthelwa kwezinye izindawo ukuze kuthuthukiswe le ndawo abebehlala kuyo esikhathini esedlule.

Abahlali abathukuthele njengamanje sebefunge bagomela ukuthi bazovimba ukwakhiwa kwephrojekthi futhi sebevele bekhiphe izincwadi eziyisixwayiso kuMasipala wase-Thulamela nakusonkontileka.

Okhulumela leli qembu, uJulia Ramanyimi uthe, ngeminyaka yama-1990 batshelwa ukuthi le ndawo izophendulwa i-Shayandima bese ibizwa nge-Shayandima Extension 3.

“Izindawo zethu zahlukaniswa futhi satshelwa ukuthi sizonxeshezelwa ngokulahlekelwa kwethu okubandakanya ukubiya nezihlahla,” esho.

“Besilokhu sixoxisana nohulumeni futhi izimeya bezifika ziphinde zihambe zingasisizanga. Sithinte uMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi kodwa sangathola mpendulo.”

Uthe, kubacasule kakhulu ukuhlanga neMeya entsha kuleli sonto, u-Avhashoni Tshifhango.

“Usitshele ukuthi bazi kuphela imindeni emithathu ethintekile ngokwakhiwa komgwaqo,” esho.

“Sisakulungele ukuhlala phansi nomasipala kodwa kumele bazimisele ukusikhokhela uma kungenjalo ukwakhiwa ngeke kuqhubeke.”

Okhulumela uMasipala wase-Thulamela, uNndwamato Tshiila uthe, ngaphambi kokuthi kuqalwe lo msebenzi kutholakale ukuthi imizi emithathu kuphela ezothinteka futhi bayaphakhokhela.

“Ukwakha ngeke kume,” kusho uTshiila.

Uxwayise abahlali ngokungaphazamisi umsebenzi wokwakha.

Izihloko zakamuva