Izithembiso azikhokhi izikweletu – abaculi abakayitholi imali yabo yomklomelo

Linda Ximba

Abaphumelela emcimbini wokuqala weKZN Entertainment Awards KwaZulu-Natali ngoZibandlela babejabule kakhulu ngesikhathi bewina imiklomelo yabo. Le miklomelo, eyafika ngesikhathi lapho abaculi beshayeke kakhulu ngenxa ye-Covid-19, yamukelwa yimboni.

Abanye abangenela baze bathenjiswa i-R100,000 wemiklomelo yemali eceleni kwemiklomelo yabo.

Kodwa ngemuva kwezinyanga ezinhlanu, osibanibani abasembonini yezikaqedisizungu eKZN basalinde imali yabo.

UDJ Tira, uBlack Coffee, iLadysmith Black Mambazo, uMbongeni Ngema, uSjava, uRobert Marawa, uNomcebo Zikode nabanye osaziwayo bebengabanye abaphumelela ngobusuku.

Lo mcimbi wemiklomelo owawusingathwe nguPearl Thusi noSomizi Mhlongo, ubuhloselwe ukubungaza izihlabani ezinekhono kakhulu eKZN kwezobuciko nezikaqedisizungu.

Ophumelele, ocele ukungadalulwa igama ngoba esaba ukuhlaselwa abahleli bomcimbi, ukuqinisekisile ukuthi usalinde imali.

“Njalo uma sibuza ngemali yethu sithola izaba. Isikhathi sokuthi laba bantu sibaveze obala.”

Omunye owinile uthe, “Kudlalwa ngathi la”

“Imiklomelo ibixhaswe ngemali eningi. Ngangibheke uKhisimusi omuhle ikakhulukazi njengoba iningi lethu lishaywe kabuhlungu yi-Covid-19. Kuyadumaza ukusebenza nabantu ongabethembi.”

UMhlo Gumede osekomidini lokuhlela, ukuqinisekisile ukuthi basazobakhokhela abawinile.

“Sike saba nezinkinga ezimbalwa kodwa siyazilungisa. Size sabhala ekhasini lethu ku-Instagram sicela abaphumelele ukuthi baqinisekise imininingwane yabo yasebhange.”

Izihloko zakamuva