
Linda Ximba
Izithandani zizothokoza ngosuku lwezithandani olukhethekile njengoba umsakazi wezindaba uMinnie Dlamini-Jones ekhiphe ifilimi yakhe ethi “No Love Lost” ezokhonjiswa okokuqala ngqa ngoMsombuluko kwi-Showmax.
I-Beauty Day Productions kaDlamini-Jones ihlanganise osaziwayo abahamba phambili baseNingizimu Afrika abafana noLungile Radu, uPallance Dladla, uMampho Brescia, uZola Nombona noHope Mbhele kulefilimu.
Ozodlala phambili umlingisikazi osafufusa uHope Mbhele ubedlala indawo kaMaBusi emdlalweni owuchungechunge kuMzansi Magic, uMkhokha.
UMinnie uye ezinkundleni zokuxhumana ukuze akhulule i-trailer yomzuzu owodwa ethi “No Love Lost” namagama achaza lefilimu athi:
“Yini into embi engenzeka kuwena ngesikhathi usazikhiphe nesithandwa sakho? Ngijabulile kakhulu ukumemezela ifilimu yami.
I-#NoLoveLost izodlala ngosuku lwezithandani ku-@ShowmaxOnline futhi angisakwazi ukulinda ukuthi niyibone nonke. Abalingisi bonke bayamangalisa futhi ithimba lami liyibambe zaqina!!! ”
Kule filimu eqondiswe uPhiwo Mkhanzi, u-Amahle ongasenathemba umangazwa isoka lakhe uDumisani (odlalwa uLungile Radu) ovele amkhiphe bashawe umoya beyobungaza ukuthi baqeda unyaka owodwa bendawonye.
Endaweni yokungcebeleka, u-Amahle uzithela phezu kowayeyisoka lakhe uLwazi eseholidini naye uhamba nentombi yakhe, u-Azania. Lokhu kuholela kuchungechunge lwezinsuku ezimbili abangeke bakwazi ukuzigwema lapho laba aseke bathandana bazibuza ukuthi imizwa yabo ngabe yaphela kudala yini.
Lona umkhiqizo wesibili wenkampani, ngemuva kochungechunge lwempilo yakhe oluthi “Becoming Mrs Jones” elibe nempumelelo ngesikhathi beqopha umlando ngoMandulo odlule.