Izithandani zikhokhele ukwenzelwa imoto entsha sha yohlobo lwe-Rolls Royce

Arthur Greene

Izithandani eziyiziqumama zikhokhe u-£20 million (izigidi ezingama-R390) ukwenzelwa uhlobo lwemoto olubizwa nge-Rolls-Royce, ephelele nesiqandisi se-champagne kanye ne-parasol yeteleskopu.

I-Boat Tail ende engamamitha ayisithupha ubude ithathe iminyaka emine “ukunaka imininingwane ngokucophelela”, okuholele emotweni entsha sha ebiza kakhulu emlandweni.

Imoto kanokusho eluhlaza okwesibhakabhaka ibiyakhelwe lezi zithandani ezingaziwa, ezichazwe kulo mbukiso njengezithandani “ezicebile”.

Kubikwa ukuthi babelana ngothando lwe-champagne ne-alfresco, futhi bangabaqoqi ababukhali bamawashi, amapeni kanye newayini elimnandi.

Ngakho-ke le moto yakhiwe phezu kwalo mqondo.

Okubabazekayo kakhulu ukuthi yakhelwe nendawo yokuhlala engemuva evulela indawo yokubamba. Uma ucindezea inkinobho ideski liyavuleka ukuveza “indawo yokubamba.”

Ngakwesobunxele, kuvuleka isiqandisi esigcina amabhodlela amabili. Imoto izolethwa inamabhodlela amabili e-champagne eyintandokazi yabanikazi, elibiza ngaphezu kwesigidi esi-R1.

Ngakwesokudla, kuvela amatafula e-cocktail ajikelezayo, kanye “nokulawulwa kokushisa.”

Futhi phakathi nendawo, kuvuleka ingalo yesibonakude ukwembula i-parasol yomthunzi welanga. Iyazilawula yona.”

Kudeshibhodi yemoto kunephaneli eyakhelwe ngaphakathi yamawashi esihlakala sabanikazi, futhi kuhlobise imoto.

Kodwa abanye ezinkundleni zokuxhumana abahlabekanga umxhwele yilo mbhalo oshicilelwe.

Omunye umsebenzisi ezinkundleni zokuxhumana ubhale ukuthi, “Ukube benginezigidi ezingama-20, i-picnic epaki yezimoto akuyona into ebengizoyenza.”

Omunye, ogxeke ubhale wathi, “Ngicabanga ukuthi ngizonamathela kwi-Nissan Primera yami ka-2005.”

Umthombo wesithombe: @ Zero2Turbo

Izihloko zakamuva