Izithandani zichaza ngendlela eziwuthokozela ngawo umdlalo wamabhayisikili 

Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni

Ngesikhathi abashovi bamabhayisikili uNtwanano noKhetani Mushwana bewela entanjeni bebambene ngezandla ku-Cape Cycle Tour ngeSonto, bebegubha ukunqoba abazokukhumbula impilo yabo yonke.

Lezi zithandani zase-Limpopo azigcinanga ngokuthatha umdlalo wamabhayisikili njengomdlalo nje, kodwa ziwusebenzise ukuze zikwazi ukusondelana njengoba zidlula kwisigameko esenzeke ngoMasingana esicishe sabulala uKhetani.

Babesendleleni yokuzilolonga ekuseni emgwaqeni omkhulu e-Polokwane ngesikhathi uKhetani ewa. Walaliswa esibhedlela futhi kwadingeka ahlinzwe.

UKhetani utshele i-Scrolla.Africa ukuthi akakhumbuli lutho ngengozi.

“Ngibonga uNkulunkulu ngokusindisa impilo yami nokungivumela ngiphinde ngibuyele emgwaqeni.

“Ukuhamba ngebhayisikili kuyangiphilisa futhi ngiyakuthanda. Ngakho angikaze ngibe nemicabango yokuyeka ngemuva kwengozi.”

Uthe ukulinda inyanga ukuze aphinde agibele ibhayisikili ngenxa yedolo lakhe elithathe isikhathi ukuphola bekumhlukumeza kakhulu.

Umyeni wakhe uthe uyajabula ukuthi abakaze bavumele ukwesaba kubavimbe ekujabuleleni umsebenzi obahlanganisa njengomndeni.

“Okunye okwakunzima kakhulu empilweni yami kwakuwukutshela amadodana ami amabili ukuthi umama wabo usesibhedlela.”

“Ingozi ingenze ngabona ukuthi impilo imfishane kakhulu. Ungaphuma endlini nowakwakho futhi kungenzeka ningabuyi nobabili ekhaya.”

Laba baqale ukugibela amabhayisikili ngo-2020 ngesikhathi sokuvalwa kwezwe futhi sebazise nezinye izithandanikulo mdlalo.

Baqede imijaho eyahlukene okubalwa kuyo Amashova Classic, i-The Monte Casino Classic, i-Joburg 94.7 kanye ne-Tshwane Classic.

Isithombe esingenhla: UNtwanano noKhetani Mushwana.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva