Arthur Greene
Ngemuva kweminyaka eyi-18, izithandani zaseKapa zithathe isinqumo sokuhlukanisa ngoba umyeni enqaba ukugoma.
Yize engeniswe esibhedlela ngemuva kokutholakala etheleleke nge-Covid-19 ngonyaka odlule, uGraham Spies uyenqaba ukuyojova.
“Leli gciwane lihlasele amaphaphu akhe. Ubuye abe ne-asthma, okwenza kube nzima kakhulu kuye ukuphefumula,” kusho unkosikazi wakhe, uCharnelle, etshela i-News24.
“Ukumbona ephuma esibhedlela ngonyaka odlule, ngemuva kokuthi eseluleme, kwakufana nokubona isimangaliso impela,” esho.
UCharnelle angeke nje akwazi ukubekezelela isinqumo sikaGraham sokungawutholi umgomo.
“Kuyangikhathaza ukuthi indoda engiyazi impilo yami yonke izimisele ukulahla zonke izinhlelo zethu zesikhathi esizayo ngokukhetha ukungawutholi umuthi wokugoma. Kuwumsangano,” kusho owesifazane oneminyaka engama-42, owathola umuthi wokugoma ngenkathi kuvela ithuba.
“Ngatshela uGraham kusukela ngonyaka odlule ukuthi uma enqaba ukuthola umgomo, angiboni ukuthi ngingaqhubeka kanjani nokuhlala nomuntu ongeke azivikele nabantu abaseduze kwakhe,” esho.
Kodwa uGraham utshele leli phephandaba ukuthi izizathu zakhe zokungawutholi umuthi wokugoma zimayelana naye qobo.
“Ngiyakholelwa kusayensi, ngezinga elithile. Angifuni ukusetshenziswa njengengulube yegciwane lokugoma. Asikho isiqinisekiso esingu-100% sokuthi umjovo uyasebenza,” esho.
Ngokuhluleka ukuthola isisombululo ngokungezwani kwabo, lezi zithandani, ezabopha ifindo likasofasilahlane ngowezi-2003, zizosayina amaphepha azo okuhlukanisa kule nyanga.
Kuyimanje sebeyiqalile inqubo yokuthuthela emadolobheni ahlukene, njengoba bebehlala ndawonye eKapa.
Lezi zithandani bezingakabi nazo izingane.
“Ngaphansi kwanoma yiziphi izizathu angeke ngikwazi ukubeka impilo yezingane zami ezingakabelethwa encupheni. Sikhulume kaningi ngalokhu. Ngithe ngeke ngimzalele izingane uma engagomi,” kusho uCharnelle.
UGraham yena uvele wathi: “Akuyona indlela ebengicabanga ukuthi umshado wami uzophela ngayo”.