Izithandani ezimbili zixoshelwe ukuqabulana nokwangana eKolishi

Joseph Chirume

Izithandani ezimbili ezigcwele uthando kakhulu azikwazanga ukulinda ukungana nokuqabulana ekhempasini – futhi zamiswa nasesikoleni ngokushesha!

Laba bafundi ababili base-Harare Polytechnic e-Zimbabwe bebengaboni ukuthi uthishanhloko wabo, uTafadzwa Madondo, ubabhekile.

UYolanda Musithu noBlessing Pasipanodya bamiswe ngesonto eledlule ngokudelela imithetho eqinile yasekolishi maqondana ne-Covid-19.

UMadondo uthumele izithandani izincwadi zokumiswa mhla zingama-24 kuNdasa ebazisa ukuthi unamandla okuthi angabamisa okwesikhashana noma abasuse esikoleni ngokuphelele.

Incwadi ebhalelwe uYolanda ibifundeka kanje, “Ubanjwe nguthishanhloko mhla zingama-22 kuNdasa ngowezi-2021, wanga uBlessing Pasipanodya. Lokhu ukwephula imithetho ye-World Health Organisation, ekahulumeni kanye nemigomo ye-Covid-19.”

Khonamanjalo abantu abaningi, okubalwa kubo i-Amalgamated Rural Teachers Union of Zimbabwe (i-Artuz) ne-Zimbabwe National Students Union (-Zinasu), bakhwele badilika kuMadondo.

“Lokhu akusho ukusangana kuphela kodwa nezinga lobuwula obukhulu nokuntuleka kwenhloso yisiphathimandla,” kusho i-Artuz esitatimendeni.

“Ilungelo lokuthola imfundo akufanele liphazanyiswe ngenxa yokuzithethelela okudabukisayo.”

UNobhala-Jikelele we-Zinasu, uTapiwanashe Chiriga uthe, “Sazisa uthishanhloko ukuthi kumele ayeke ukuziphathisa okwengane encane ephethe isibhamu. Sithatha izinyathelo ukuqinisekisa ukuthi sisiza abafundi ukuthi babuyele ezikoleni ngokushesha okukhulu.”

Izihloko zakamuva