Izithandani ezimbili ezingamasosha zase-Ukraine zithathe isinqumo sokushada

Arthur Greene

Izithandani ezimbili zase-Ukraine ezingamasosha zishade ngenkathi zisempini namasosha ase-Russia ahlasela izwe labo.

Ngemuva kweminyaka engu-22 uLesia Ivashchenko noValeriy Fylymonov ekugcineni bathathe isinqumo sokuthi bashade.

Kubonakale nabantu abadumile kulo mncimbi wenjabulo. Ompetha be-boxing heavyweight abaphenduke osopolitiki uVitali noWladimir Klitschko beze ukuzofisela lezi zithandani konke okuhle futhi uWladimir, oyiMeya yase-Kyiv, ubonakale eqabula uLesia, obengaqgokile njengesosha kodwa egqoke iveyili.

IMeya ngokuhamba kwesikhathi ibhale ku-Twitter ukuthi: “Namuhla ngibingelele amasosha abhekelela izimpi enkabeni yedolobha uLesia noValerri.

“Sebenesikhathi eside behlalisene emshadweni wesilungu, manje sebenqume ukushada ngokusemthethweni. Umcimbi ububanjelwe eduze kwenye yezindawo okuseshwa kuzo. Impilo iyaqhubeka!”

UTaras Kompanichenko, umculi odumile wase-Ukraine naye owabhalisela ukuvikela izwe lakhe, udlale i-lute ngesikhathi uLesia ehla esiteji.

Ngemuva kwalokho, ozakwabo badele izikhali isikhashana ukuze bajabulele ingilazi yeshampeyni nalezi zithandani ezisanda kushada.

Umthombo wesithombe: @WynnWs

Izihloko zakamuva