Izithandani ebizisanda kushada zishawe ugesi zashona

Dylan Bettencourt

Ngemuva kosuku olulodwa bebuyile ku-honeymoon yabo, uNabeelah Khan nomyeni wakhe uZaheer Sarang bashone engozini ebabazekayo, eyisimanga ekhaya labo e-Crosby, eGoli ngeSonto.

Imibiko ikhombisa ukuthi uNabeelah ushaywe ugesi ngemuva kokuthinta umpompi wensimbi ngesikhathi egeza kanti uZaheer ushaywe ugesi ngesikhathi ezama ukumhlenga.

Abahlali bakule ndawo bathi amaphutha kagesi ajwayelekile kule ndawo.

UHassan Aalim, ongumakhelwane walezi zithandani, uthe le ndawo isihlushwe kakhulu ugesi ezikhathini zakamuva.

“Okubuhlungu ukuthi besikade sihlangabezana nokunqamuka kukagesi endaweni futhi izikhalazo bezifakwa ku-City Power, kodwa akekho ophendulile,” esho.

U-Aziz Ally, isishoshovu somphakathi, utshele i-News24 ukuthi akusikho okokuqala abantu beshaywa ugesi uma bethinta ompompi.

U-Ally ukuqinisekisile ukuthi inkinga ibikiwe kodwa akukho mpendulo ekhishwe yi-City Power.

“Kubuhlungu nje ukuthi kwenzeke into ebuhlungu kangaka ngaphambi kokuba sithole impendulo ezikhulwini,” esho.

U-Ally uthe kumele kube nophenyo olugcwele ngoba izinkinga zikagesi endaweni yabo kungenzeka ukuthi zibangwa ukuxhunywa ngokungemthetho emijondolo eseduze.

UKaputeni uMavela Masondo, okhulumela amaphoyisa esifundazweni sase-Gauteng uthe izidumbu zitholakale ngo-5.30 ntambama ngeSonto.

“Kusolwa ukuthi lezi zithandani zishawe ugesi. Amaphoyisa alinde imiphumela yokuhlolwa kwezidumbu ezoqinisekisa imbangela yokufa kwakhe,” kusho ukaputeni.

Izihloko zakamuva