Izisulu zonogada bakaMashatile zisakhungathekile

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Abaqeqeshwa embuthweni wakuleli wamasosha abashaywe kanzima ngamalungu e-Presidential Protection Unit (PPU) ngeSonto bebecabanga ukuthi badunwa imoto.

Umshayeli uthe umshophi uqale ngesikhathi kuqhamuka imoto yohlobo lwe-BMW SUV emnyama esibukweni ebona omunye wabagibeli bayo emkhomba ngesibhamu sohlobo lwe-R5.

UPikkie Greeff ongunobhalaJikelele we-SA National Defence Union uthe amasosha aseluleme kodwa asakhungathekile ngenxa yalesi sigameko.

“Ngikhulumile nesisulu esisodwa esiyilungu lenyunyana kanti esikushilo ukuthi kuqhamuke imoto yohlobo lwe-BMW SUV emnyama eduze kwaso emgwaqeni omkhulu ngeSonto.

“Omunye kwabebephakathi ubemkhombe ngesibhamu sohlobo lwe-R5 futhi uthi ubecabanga ukuthi bazoduna imoto.

“Uthi ngokuphazima kweso bebevalelwe amanye ama-SUV baphoqeleka ukuthi baphumele eceleni komgwaqo,” kusho uGreeff.

Ukushayela enye yezimoto ezidunwa kakhulu emigwaqeni yakuleli, ngokombiko wakamuva we-Fidelity ADT wokudunwa kwezimoto abasebenzi bakwa-SANDF bebesabela izimpilo zabo ngakho baye banquma ukubambisana “nabaduni.”

“Abahlaseli babe sebephuma baphihliza amawindi emoto base behudulela abebephakathi ngaphandle kwemoto baqala ukubashaya.

“Leyo indaba angitshele yona,” kusho uGreeff.

Utshele i-Newzroom Afrika ukuthi umshayeli ubengazi ukuthi benzeni ukucasula amalungu akwa-PPU.

NgoLwesithathu okhulumela i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) uRobbie Raburabu ukuqinisekisile ukuthi kubhaliswe icala lokushaya ngenhloso yokulimaza esiteshini samaphoyisa e-Sandton.

UMqondisi wezokuphepha komphakathi kwa-Action Society SA u-Ian Cameron uthe bacelwe umshayeli we-VW Polo eluhlaza ukuthi bammele kulolu daba.

Uthe phezu kobufakazi obuqanda ikhanda kule vidiyo i-Ipid ivule icala elilodwa vo lokushaya ngenhloso yokulimaza ngemuva kokuba nengxoxo no-L’vaughn Fisher ongumshayeli.

“Ushaywe ekhanda ngesibhamu wabe esekhahlelwa ekhanda ngesikhathi equlekile ngenxa yokushaywa okokuqala ngezibhamu. Ngemuva kokukhuluma ngokulimala kwakhe emzimbeni, ngimbuzile ukuthi uzizwa kanjani ngokomzwelo. Uye wathula kwathi ngemuva kwesikhathi eside wathi “angikho kahle,” kusho uCameron.

Izihloko zakamuva