Dylan Bettencourt
USello Mapunya ugwetshwe iminyaka eyizi-1 088 ngecala lokubamba inkunzi nokudlwengula abesifazane abahlukene abangama-56 ePitoli esikhathini esiyiminyaka emihlanu.
Izisulu eziningi zikaMapunya bezisenkantolo. Abazange bakufihle ukuthokoza kwabo; bakhala futhi bacula begcwele injabulo ngesikhathi ijaji leNkantolo eNkulu yasePitoli uPapi Mosopa ethola uMapunya enecala lokudlwengula elingama-41, elinye elingama-40 lokuphanga namacala angama-40 okuhlasela ekhaya.
UMapunya wabekwa amacala ayi-101 ahlukene kusukela ngowezi-2013 ngesikhathi edlwengula intombazane eneminyaka eyi-14.
Ijaji uMosopa lithe uMapunya akanandawo emphakathini.
“Awulona uhlobo lomuntu ozimisele ngokuhlala nabanye ngokuthula,” kusho ijaji.
“Uyisihogo esizimisele ngokucekela phansi isithunzi sabanye.”
Lesi sigwebo sikhishwe njengeminyaka emine yokudlwengula le ntombazane eneminyaka eyi-14 kanye nabanye besifazane abathathu. Unikezwe iminyaka eyi-15 ngomuntu ngamunye ngokudlwengula okungama-31. Kwakhishwa eminye iminyaka eyi-15 ngawo wonke amacala okugqekeza kanye neminyaka eyishumi nanhlanu ngecala ngalinye lokugqekeza ngenhloso yokweba.
Ukubusa kukaMapunya kweminyaka emihlanu kwaphela ngesikhathi eboshwa ngowezi-2019. Ijaji liphethe namuhla ngokuthi umdlwenguli uzohlala odilikajele abane ejele, okuyiminyaka engaphezu kwe-1 000.
Umthombo wesithombe: @SowetanLIVE