Lungani Zungu
Ngesikhathi kufika izikhukhula izindlu nemikhukhu kukhukhuleka, abahlali ababengenamakhaya bahlala ehholo lomphakathi.
UMasipala weTheku wathi leli hholo kuzoba yindawo yabo yokukhosela yesikhashana baze bayiswe ezindlini eziphephile nezingcono.
Kodwa lokho bekungunyaka owedlule, kuze kube namuhla, imindeni engama-20 yaseMlazi isabhajwe ehholo elifanayo elingcolile ngaphandle kwamanzi, ugesi, noma izindlu zangasese ezisebenzayo.
Ngenkathi i-Scrolla.africa sivakashele ihholo, sibingelelwe yiphunga eliguqula isisu elivela ezindlini zangasese.
Ukuze bahlale befudumele phakathi nobusuku obubandayo basebusika, abahlali babeka imiqamelo kanye namapulasitiki emafasiteleni aphukile.
Basebenzisa amakhandlela ukukhanyisa nosikeni uma bepheka.
UJabulani Cele, ohlala ehholo, walahlekelwa yikho konke ngesikhathi indlu yakhe yodaka enamagumbi amabili idilika ngesikhathi kunezimvula.
“Ngilahlekelwe yikho konke. Bekumele ngiqale phansi,” esho.
“Ukuhlala lapha kuyisihogo.”
Ngenkathi izingane zidlala ngaphandle kwehholo, zingazi ngokudinwa kwabazali bazo, uCele neminye imindeni balungisa isidlo sasebusuku emabhodweni yize kunephunga lendle eligcwele ihholo.
UThandazile Langa, ohlala nesoka lakhe nengane eyodwa, eneminyaka emihlanu, uthe sebekujwayele lokhu manje.
“Ngisabela impilo yendodakazi yami,” esho.
Abahlali bahlukanise ihholo ngamashidi.
Abanye abahlali abanjengoSibongile Ngcobo, sebebuyele ezindlini zabo eziwile.
“Bengingasakwazi ukuphila kulelo hholo ngakho ngibuyele lapha endlini yami,” esho.
Amakamelo amabili kwamathathu endlu yakhe amoshekile.
UBelinda Mthabela, nokho usahleli ehholo. Indlu yakhe yakhukhuleka yonke.
“Asisakwazi ukukumela lokhu. Uma uhulumeni wethu ebakhathalela ngempela abantu abampofu njengathi, kungani besishiya sihlala endaweni enjena.” ebuza.
I-Scrolla.Africa sicele ikhansela lewadi u-Amon Dladla ukuthi aphawule. Utshele intatheli yethu ukuthi ashaye ucingo ngemuva kwehora, kodwa akabange esaluphendula ucingo lwakhe.
Okhulumela umasipala weTheku uMandla Nsele uthe ngokwamarekhodi abo, imindeni ethinteke kulesi siphepho ithuthelwe kwenye indawo yokuhlala.
“Uma kwenzeka ukuthi kunemindeni emisha ebesingayazi, kuzokwenziwa uphenyo ukuze basizwe ngokushesha.”
Umthombo wesithombe: @PinkyPretty_M