Izisulu zesishingishane sakamuva eKZN zikhoseliswe emahholo

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Labo abasale dengwane ngenxa yesishingishane esihlasele iTheku ngoLwesibili bagcwale emahholo omphakathi lapho okuhlala khona izisulu zezikhukhula zangoMbasa nyakenye.

Abantu balahlekelwa yimizi yabo ngokushesha kunendlela uhulumeni waKwaZulu-Natal angakwazi ukuyibuyisela ngayo nokuyinto egqamisa ukwehluleka kwawo ukubhekana nezinselelo eziqhubekayo ezibhekene nezisulu zesimo sezulu esibi.

Lesi sishingishane nezimvula ezinamandla ziholele ekutheni kushone umuntu oyedwa kwashiya abantu abayisithupha belimele baphinde bangeniswa ezibhedlela ezindaweni ezahlukene eThekwini.

Endaweni yakwaMakoti eNanda abantu ababalelwa ku-150 basale dengwane ngesikhathi umfula oseduze i-Nigeria ugcwala amanzi ucekela phansi amakhaya.

UNomathemba Nxumalo (68) ocele ukukhoseliswa ehholo lomphakathi kwaMakoti ngemuva kwenhlekelele uzwakalise amathemba amancane okuthola usizo oluphuthumayo lokwakhelwa izindlu.

Abantu abaningi abakhahlanyezwe izikhukhula zangoMbasa nyakenye basakhungathekile emahholo omphakathi kanti abanye kudingeke ukuthi bahlale ezihlotsheni ngenxa yokushoda kosizo lukahulumeni ababethenjiswe lona.

UDaren Babba (33) wase-Springfield ulandise ngokwesaba abhekane nakho ngesikhathi izikhukhula zihlasela ikhaya labo. Uthwale kanzima ezama ukuhlenga unina ophethwe umdlavuza.

Amanzi anyuke afinyelela esifubeni futhi angene emagumbini ahlukene endlu yabo.

UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu

uMmamoloko Kubayi uzibophezele ekuthumeleni ithimba lonjiniyela eliyohlola indawo kanye nomonakalo owenzeke ezindlini.

Uqinisekise izisulu ebezisehholo lomphakathi eMakoti ukuthi amavawusha azonikezwa imindeni ukuze bakwazi ukwakha kabusha amakhaya abo.

Esithombeni esingenhla: Umuzi waseNanda ocekelwe phansi ngenxa yesishingishane esihlasele izingxenye zeTheku ngoLwesibili.

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva