Moyahabo Mabeba
“Kukhathaza kakhulu futhi kuyihlazo ukuthi kudlwengulwe abantu ababalelwa kwabayizi-10 000 eNingizimu Afrika ezinyangeni ezintathu nje kuphela,” kusho uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele ngoLwesihlanu.
Kodwa izisulu zokudlwengulwa kanye nezishoshovu zamalungelo abesifazane ziveze ukuthi isibalo esiyizi-9,556 siyinani lamacala ake abikwa. Inani lamacala angazange abikwe kungenzeka libe phezulu kakhulu.
I-Thohoyandou isiphenduke “inhlokodolobha yokudlwengula” yase-Limpopo, uma kubhekwa izibalo zakamuva ezikhishwe uCele mhla ziyi-19 kuLwezi. Ubekhuluma ngesikhathi kukhishwa izibalo zobugebengu zamaphoyisa kusukela mhla zizinye kuNtulikazi kuya kumhla zingama-30 kuMandulo ngowezi-2021.
Isiteshi sakhona samaphoyisa siqophe isibalo esiphezulu samacala okudlwengula silamdela isiteshi samaphoyisa sase-Temba eGoli.
Ngesikhathi kudlwengulwa umhlali wokuqala endaweni oneminyaka eyi-12, umamncane wakhe akamkholwanga emsola ngokuba intombazane enamanga, engaziphathi kahle efuna ukudala ukungezwani emndenini.
NgoNcwaba kulo nyaka, wadlwengulwa yiqembu lamadoda amane amlandela ephuma endaweni yokuphuza utshwala ebangeni elingamamitha angama-200 ukusuka kubo esigodini sase-Maniini ngase-Thohoyandou.
Umamncane wakhe wambuza ukuthi wenzani ebusuku ngesikhathi okufanele ngabe ulele ngaso.
“Abesifazane abaningi bayadlwengulwa ezigodini zethu, kodwa izigameko eziningi azibikwa nakuba sibazi abenzi bokubi,” kusho isisulu sitshela i-Scrollla.Africa.
“Sidunyazwa imindeni yethu engafuni ukuphoxeka njengoba ukudlwengula kuseyichilo lapha. Kwezinye izimo sigcindezelwa amaphoyisa.”
Lona wesifazane uthe useyasaba ukuthi angahle adlwengulwe okwesithathu.
“Angazi ukuthi ngizocasha kuphi. Umuntu owangidlwengula ngineminyaka eyi-12 uvame ukufika ekhaya, njengoba nalabo abangihlasela besahamba emgwaqeni. Ngakolunye uhlangothi amaphoyisa awasizi ngalutho,” esho.
UFiona Nicholson, we-Thohoyandou Victim Empowerment Programme (i-TVEP), uthi amacala amaningi okudlwengulwa awabikwa kangako.
“Amanye alawa macala ashaywa indiva futhi umphakathi ugcina usunolwazi olungalungile,” esho.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uMnu uNkakareng Rakgoale, uthe izibalo zokudlwengulwa kwabantu e-Thohoyandou zenza isithombe esibi ngokuphulwa kwamalungelo abesifazane abangavikelekile.
“Umnyango wethu uzosebenzisa uhlelo lwezinsuku eziyi-16 lokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, oluzokwethulwa mhla zingama-25 kuLwezi, ukuqhamuka nemikhankaso eqinile yokuqwashisa ngodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane,” esho.