Izisulu ezingaphezu kweziyi-5000 ezabulawa e-Rwanda ngezimpi zabohlanga bezingcwatshwa ngesizotha ngemuva kweminyaka engama-27

Dylan Bettencourt

Amathambo abantu ababulawa ngezimpi zabohlanga e-Rwanda abekwe endaweni yokugcina ngoMgqibelo e-Kiziguor Genocide Memorial.

Amathambo abantu abayizi-5 269 atholwe ethuneni elidala endaweni yase-Kiziguro ngonyaka odlule ngemuva kokuba abasinda ngesikhathi kubulawa abohlanga bakhombe indawo okwagqitshwa kuyo le mizimba kusho i-Xinhua News Agency.

“Kubuhlungu futhi kuyaphazamisa ukucabanga ukuthi ngemuva kweminyaka emingaka, kodwa namanje sisathola amathambo abantu ababulawa ngezimpi zabohlanga” kusho uJean-Damascene Bizimana ongunobhala wekhomishini likazwelonke elilwa nokubulawa kwabohlanga(CNLG) ekusho lokhu kwisikhumbuzo ngoMgqibelo.

UBizimana unxenxe wonke umuntu onolwazi ngezinye zezindawo okwangcwatshwa kuzo imizimba ukuba beze phambili ukuze imindeni yalabantu ithole ukuthula siphinde sibanike umngcwabo ohloniphekile.

Isikhumbuzo besihanjelwe izikhulu zikahulumeni, abahlali bendawo kanye namalungu emindeni eyabulawa.

U-Emmanuel Gasana onguNdunankulu esifundazweni sase-Eastern uthe ukungabaza kwalaba abathintekayo ekubulaweni abohlanga ukuba basho ukuthi imizimba bayigqiba kuphi benza imindeni ingakwazi ukungcwaba amalungu abo ngendlela efanelekile enesizotha.

“Ukunikeza umngcwabo ohloniphekile le mizimba etholakele yalaba ababulawa ngezimpi zabohlanga kungenza imindeni iqale ukuxola ezinhlizweni iphinde ilapheke” kusho uGasana.

UGasana uthe cishe bayizi-20,123 abantu ababulawa ngezimpi zobohlanga asebengcwatshwe e-Kiziguro Genocide Memorial. Izimpi zokubulawa kwabohlanga zenzeka ngoMbasa nangoNtulikazi ngowezi-1994 kuliwa ne-Tutsis. Cishe babalelwa kubantu abayizi-800 000 abangama-Tutsis ababulawa.

Umthombo wesithombe: @TimeMagazine

Izihloko zakamuva