Izisematheni KwaZulu-Natal: Kuboshwe iphoyisa eliwumbombayi libanjwa nezidakamizwa

USihle Mavuso usilethela izindaba ezihamba phambili KwaZulu-Natal.

EThekwini– Amaphoyisa abophe owesilisa oqhamuka ezweni langaphandle oneminyaka engu-38 ubudala kanti utholwe nezidakamizwa zohlobo lwe-cocaine nekhadi eliwumgunyathi lamaphoyisa e-Musgrave, eThekwini.

Ukuseshwa komuzi wakhe kuholele ekutholakaleni kwezimvume zokudoba eziwumgunyathi, namakhadi amaphoyisa awumgunyathi, izimvume zokusebenza zokuhloseliswa kwabokufika, isigxivizo zamaphoyisa, nezinhlamvu ezingu-15.

EMlazi– Sekusabalele ividiyo kaNgqongqoshe wamaPhoyisa, uBheki Cele, ophinde abe yilungu eliphezulu le-NEC ye-ANC edelela owayenguMengameli uJacob Zuma. Kule vidiyo uCele uthe ngendlela uZuma azithanda ngayo izikhundla uze uzifuna odakeni. Uqhube wathi ngeke amangale uma engabona uZuma eba yikhansela. UCele ubekhuluma embuthanweni we-South African National Civic Organisation obuseMlazi ngoMgqibelo.

EThekwini– Ilokishi laseNtuzuma kumasipala weTheku ophethwe i-ANC likhungethwe yinkinga yamanzi osekuphele cishe isonto engekho. Izakhamuzi zithi le nkinga iqale ngoMgqibelo ngesonto eledlule kanti akekho noyedwa kumasipala oke wazihlupha ngokuchaza ukuthi amanzi azobuya nini.

EWeneen – Inkosi uNtandoyenkosi Shabalala, iMeya ye-IFP kumasipala wasoThukela enyakatho neKwaZulu-Natal ithe abavoti kumele banikeze iqembu labo ithuba lokuhola isifundazwe. Ngokusho kukaShabalala, i-ANC ike yanikwa ithuba kodwa ayikho into eyenzile ebonakalayo kule minyaka engu-20 ibusa lesi sifundazwe.

EMgundundlovu– Kusuke umsindo eMngeni-Uthukela Water ngemuva kokuthi ibhodi lale nhlangano lihlangene ngeledlule lanquma ukuqoka ozongenela isikhundla sokuba i-CEO obhekene nophenyo ngezinsolo zenkohlakalo. Kuthiwa lo muntu wenze lezinto asolwa ngazo ngesikhathi esebenzela ibhodi lamanzi esifundazweni saseNorth West. Ngokwemithombo engaphakathi leli bhodi limangaze wonke umuntu enkampanini ngesikhathi lishaya indiva uDkt Sipho Manana onekhono futhi osekuphele izinyanga ebambe lesi sikhundla. UManana uhole ngempumelelo ekuhlanganisweni kwamasipala waseMngeni Water kanye noMhlathuze Water kwakhiwa ibhodi elilodwa lesifundazwe.
Okhulumela lolu phiko, uMnuz Siyabonga Maphumulo uthe lusaqhubeka uhlelo lokuvala isikhundla sobu-CEO.
“Ibhodi laseMngeni-uThukela ngeke lize liphawule ngohlelo lokuqokwa kwesikhulu esiphezulu njengoba lolu kusawuhlelo olusaqhubeka futhi akukathathwa isinqumo esingujuqu,” kusho uMaphumulo.

EMgungundlovu– Odokotela abaningi abangasebenzi bamashe edolobheni ukuze baveze ukukhathazeka kwabo bethi bafuna uhulumeni abaqashe. UNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Joe Phaahla uthe uMnyango wezeMpilo awunayo imali yokubaqasha. I-IFP namanye amaqembu ezepolitiki acele uhulumeni ukuthi athole imali yokuqasha odokotela abaphelelwa ithemba.

EMzumbe– I-ANC eKZN isimise amakhansela ayisikhombisa kumasipala waseMzumbe. Iqembu lithe laba bamisiwe ngenxa yokuhambela umhlangano ophuthumayo womkhandlu ngeledlule. UMnuz Mlungisi Ndlovu we-IFP uqokwe njengemeya echitha uMnuz Bongani Nyuswa nakuba iqembu lakhe i-ANC linezwi elikhulu kulo masipala. Ukumiswa kwakhe kuza ngemuva kokuhlelwa komunye umhlangano ophuthumayo wesigungu ngoLwesithathu kanti inhloso yomhlangano ukukhishwe kwabaqondisi abakhohlakele nezimenenja ezihambisana nepolitiki kumasipala. Uqhekeko emakhanseleni luqale ngasekupheleni konyaka odlule ngesikhathi i-ANC imisa yaphinde yaxosha owayenguSomlomo, uMnuz Sibonelo Maphumulo. AbakwaMaphumulo banamandla kwezombusazwe nakwezezimali endaweni.

Isithombe esingenhla: Amaphoyisa ashaqa izimpahla zephhoyisa elingumbombayi.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva