Everson Luhanga
La madoda amabili anamandla ake azulazula emigwaqeni yase-Hillbrow – kukhala isicathulo sawo – futhi engekho ongabathinta.
Noma-ke babecabanga kanjalo.
Abaseshi ababili abezethembayo bazwisane amandla babopha amadoda amabili, omunye ufundisa ikarati omunye uyi-bouncer kanye nomsizi wabo, babafaka ejele.
Abasolwa bagwetshwe udilikajele ngecala lokubulala, iminyaka eyishumi ngecala lokuzama ukubulala, iminyaka eyi-15 ngokubamba inkunzi besebenzisa isihluku neminyaka eyisishiyagalombili ngokwephula umthetho i-Immigration Act.
Lesi sigwebo sikhishwe ngemuva kokuthi beshaye uPeter Ncube bambulala futhi bashiya umfowabo, uFanuel Moyo, enesibazi sempilo ngemuva kokumgwaza nge-screwdriver ebesisele emzimbeni wakhe.
Kubonakala sengathi iphutha likaPetros kwaba ukucela imali yakhe yerenti kumqashi wekarati, okuholele ekushayweni kwakhe.
UPeter ushone ngokulimala kanzima ngesikhathi eshaywa kodwa umfowabo usindile.
Abasolwa ababili abahamba phambili, i-Bouncer uBruce Ncube nomfundisi we-karati uPhilani Ncube, baboshwe ngemuva kokucasha izinsuku ezimbalwa. Owayesebenza nabo, uJustine Dube waboshwa ngokuhamba kwesikhathi.
Abaseshi, uDetective Sergeant Gift Mashavha noDetective Sergeant Livhuwani Mikhuvha Mpofu, bathe babopha kuqala umqeqeshi wekarati.
“Uyena osiholele kwabanye,” kusho uMashavha.
Udadewabo kaPetros, uNonhlanhla Phakathi, uthe ngesikhathi efika efulethini lomfowabo ngemuva kokushaywa okokuqala, wakhononda ngokuthi la madoda amshaye kabi futhi kungenzeka ukuthi wopha ngaphakathi.
“Kodwa ngakusasa ngezwa ukuthi uphinde washaywa. Ukushaywa kwesibili kwaholela ekufeni kwakhe,” kusho yena.
UGladys Phakathi, umama kaPetros, ushayele ihlombe amaphoyisa ngokubopha lezi ziqhwaga nokuzithumela ejele.
Uthe ngenkathi icala lisenkantolo, imindeni yabasolwa ibimsabisa futhi imtshela ukuthi bazogwazela amaphoyisa ukuthi alichithe leli cala.
“Kodwa akukaze kwenzeke futhi bagwetshwa.”
Umphathi weSiteshi samaphoyisa e-Hillbrow uRichard Mboweni ubonge la maphoyisa ngokuzinikela nokusebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi ubulungiswa buyenzeka.