Lubhalwe nguNdivhuwo Mukwevho
- Imindeni yabathandiweyo abashonile abasesibhedlela i-Elim e-Limpopo kumele ibathuthele emakhazeni azimele njengoba iziqandisi singasebenzi futhi zidala ukuthi izidumbu zibole ngokushesha.
- Isibhedlela i-Elim sibhekene nezinkinga ezinzima, ezihlanganisa ukushoda kwamanzi, ukuphuka kwemishini ye-X-ray, nengqalasizinda egugile.
Imindeni yeziguli ezishonile esibhedlela i-Elim, e-Limpopo, iyalelwe ukuthi ikhiphe izidumbu zezihlobo zayo iziyise emakhazeni azimele ngoba iziqandisi zasemakhazeni esibhedlela ziphukile.
URussell Chauke, wasesigodini saseMpheni, kudingeke ukuthi asuse isidumbu sikamzala wakhe ngokushesha ngemuva kokubikelwa umngani womndeni osebenza esibhedlela. “Umzala wami udlule emhlabeni ngoLwesine olwedlule. Besisathatha isinqumo ngomngcwabi ngesikhathi sitshelwa ukuthi iziqandisi azisebenzi nezidumbu seziqala ukonakala,” kusho uChauke.
Ngesikhathi umndeni wakhe ufika esibhedlela ngoLwesihlanu, isidumbu besivele sisesimeni esingesihle. “Iphunga belingabekezeleleki. Okubuhlungu kakhulu ukuthi asikho isikhulu sasesibhedlela esisibikele ngale nkinga,” usho kanje.
Isibhedlela i-Elim sibhekene nezinselelo eziningi ngaphandle kokungasebenzi kahle kweziqandisi ezigcina izidumbu, ukushoda kwamanzi nemishini ebalulekile ephukile. Sekuphele izinyanga umshini we-X-ray ungasebenzi, nokuyinto ephoqa iziguli ukuthi zifune usizo kwenye indawo.
Inkinga yamanzi esibhedlela iqhubeke iminyaka engaphezu kweyisikhombisa. Amapitsi asendaweni omile, futhi ipayipi likamasipala alisebenzi ngemuva kokuphazanyiswa izakhamuizi eziseduze nazo ezibhekene nokushoda kwamanzi.
UChauke ucele uMnyango wezeMpilo esifundazweni ukuthi ungenelele ngokushesha. “Kudingeke ukuthi sikhokhe ukuze sithuthe umzala wami simyise emakhazeni azimele. Lolu daba lweziqandisi lungahlala izinyanga lungaxazululeki njengezinye izinkinga zase-Elim,” usho kanje.
Umhlengikazi okhethe ukungadalulwa igama, uchaze lesi simo njengenhlekelele. “Kulesi simo sokushisa, izidumbu zibola ngokushesha. Uma lokhu kuqhubeka, iphunga lizokwenza kungasebenzeki, futhi imindeni ngeke ibabone abathandiweyo bayo,” kusho umhlengikazi.
Isakhamuzi sasesigodini sase-Shirly u-Elijah Mudzanani ugxeke abaphathi besibhedlela. “Akulona udaba olusha lolu. Iziqandisi ziphuka njalo, akwenziwa lutho ngalokho,” usho kanje.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo e-Limpopo, uNeil Shikwambana, uyivumile le nkinga, wathi idalwa ukuguga kwengqalasizinda. “Siyazi ngenkinga yobuchwepheshe beziqandisi ejwayeleke ezibhedlela zase-Vhembe. Kodwa-ke, Amakhaza enzelwe ukugcina izidumbu okwesikhashana,” usho kanje.
Esithombeni esingenhla: Isibhedlela sase-Elim.
Umthombo wesithombe: Ndivhuwo Mukwevho