Iziphepho nezimvula zivale izikole zaseKapa

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Iziphepho ezinamandla zakamuva eWestern Cape ziphazamise ukufunda.

NgoLwesibili izikole zivulwe ngokusemthethweni ukuze kuqale ithemu entsha, kodwa iningi labazali alizihambisanga izingane zabo esikoleni ngoba becabanga ukuthi ngeke ziphephe.

Abanye abazali badukiswe izinkundla zokuxhumana ezisabalalise izindaba ezingamanga ebezithi zizovalwa izikole. Nokho uMnyango wezeMfundo esifundazweni uthe le mininingwane ingamanga.

NgoLwesithathu, ngemuva kwezingxoxo neDisaster Risk Management Centre yesifundazwe kanye neSouth African Weather Service kuthathwe isinqumo sokuthi kuvalwe izikole ezifundeni ezithile ngomhlaka-11 kuNtulikazi ngenxa yezizathu zokuphepha.

UDavid Maynier, uNgqongqoshe wezeMfundo eWestern Cape uthe izikole ezithintekile zithole isaziso ngokusemthethweni ngokuvalwa kwezikole futhi kwaziswe nabazali.

Kuze kube manje zingu-20 izikole esezitshelwe ukuthi zivalwe esifundazweni sonke, iningi lazo ezisesifundeni saseCape Winelands.

Izifunda ezithintekile zihlanganisa iMetro Central, iMetro East, iMetro South, iCape Winelands, i-AOverberg, kanye neSekethe 1/2 yesiFunda Semfundo saseWest Coast, izindawo zaseMalmesbury nasePicketberg.

“Zonke ezinye izikole ezifundeni ezisele zizovulwa ngaphandle uma kugunyazwe ukuthi zivalwe,” kusho uMaynier. “Inhloso yethu ukugcina izikole zivuliwe kodwa sizinakile nezixwayiso zezinhlekelele ezenzeke ezindaweni ezithile.”

Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, izikole ezingu-137 zibike uhlobo oluthile lomonakalo wengqalasizinda ngenxa yezikhukhula noma umoya okumandla.

Zonke izikole kulindeleke ukuthi zivulwe ngoLwesihlanu, kodwa uMnyango uzocubungula isibikezelo sezulu ngaphambi kokuthatha isinqumo.

Umzali, uZodidi Lumpampa ukhululeke ezwa ukuthi izikole zivaliwe.

“Noma singayitholanga incwadi evela esikoleni sabantwana bethu kodwa besingeke sibathumele ngoba sibona izulu libi futhi ukubathumela kuzobeka impilo yabo engcupheni, uMnyango uthathe isinqumo esihle,” kusho uLumpampa.

Omunye umzali, eligodlile igama lakhe ubegcina izingane zakhe ekhaya.

“Bekumakhaza lina ngoLwesibili,” kusho yena.

“Angizange ngizihluphe nokubavusa ukuze ngilungiselele ukuya esikoleni. Impilo yabo iyona ehamba phambili, futhi ngeke ngithathe ithuba lokubayisa esikoleni njengoba ngingenayo imali yokubayisa kudokotela uma begula.”

Isithombe esingenhla: Izikhukhula eKapa.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva