Iziphathimandla ze-Tour de France zilisulile icala elibhekene nesibukeli esidale ingozi

Dylan Bettencourt

Iziphathimandla ze-Tour de France zilisulile icala elibhekene nesibukeli esesidume kabi manje, ngokudala inqwaba yamabhayisikili ukuthi ashayisane ngosuku lokuqala lomjaho.

Le ntokazi ibiphethe ugqwembe ilibhekise kwikhamera kamabonakude ngethemba lokuthi izovela, kodwa yadala inhlekelele.

Ibhayisikili ebelihamba ngesivinini lishayise ugqwembe lwakhe, okudale ukushayisana kwamabhayisikile angama-21.

Iziphathimandla zase-France phambilini bezithungatha lo wesifazane, kanti imibiko ibiveza ukuthi ubalekile ezweni ngenhloso yokubalekela noma yimuphi umphumela.

Kodwa-ke, ngoLwesithathu waboshwa wagcinwa esitokisini ngamaphoyisa e-Landerneau.

Abaphathi bomjaho sebewasulile amacala abebekwe wona.

Umqondisi womjaho uChristian Prudhomme uthe bayasihoxisa isikhalazo.

“Lolu daba lwenziwe ihabe, kodwa sifisa ukukhumbuza wonke umuntu ngemithetho yezokuphepha yomjaho. Uma uza emjahweni, bamba ingane yakho, ugade isilwane sakho futhi awuwelwa umgwaqo ngokunganaki. Ngaphezu kwakho konke, kumele ubahlonipha abagibeli. Yibo okufanele bavele kumabonakude.”

Kulo mjaho sekube nezingozi eziningana ezigabeni ezine zokuqala nje. Abagibeli ngoLwesibili babe nesikhashana sokuthula ukubhikisha ngezimo zokuphepha zomjaho kulolu hambo.

Kulesi sigaba sohambo, uMathieu van der Poel uhola isikhundla esezingeni eliphezulu ngemizuzu eyisishiyagalombili ehlula uTadej Pogacar.

Umthombo wesithombe: @CyclingNews

Izihloko zakamuva