Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
UNdunankulu wase-Eastern Cape, u-Oscar Mabuyane, uhambele komasipala ababili besifundazwe ngoLwesibili ukuyobheka umonakalo ngemuva kwezikhukhula ezidlule nemiphefumulo eyishumi kwashiya abangaphezu kuka-1 000 bengenamakhaya.
UMabuyane uvakashele i-Buffalo City neNelson Mandela Bay okuyizona ezikhahlamezeke kakhulu ngemuva kwezikhukhula.
ENelson Mandela Bay abantu abayisishiyagalombili bashonile, kwathi e-Buffalo City ababili kwaqinisekiswa ukuthi abashonile kanti oyedwa usadukile ngemuva kwezikhukhula ezihlasele umasipala phakathi koMgqibelo neSonto.
UMabuyane uthe le nhlekelele yenzeke isigubhukane ngoba ngaphambi kokuthi yenzeke, abe-SA Weather Service (Saws) bakhiphe isexwayiso sika-level 2 kuphela mayelana nemvula ephazamisayo, nokuyinto engasiso isizathu esingako sokukhathazeka.
“Besingahlela kangcono ukube isexwayiso sezinga lesithupha sisithole vele umonakalo usuwenzekile ngeSonto,” esho.
UMabuyane uthe sekuyisikhathi sokuthi uhulumeni akwamukele ukuthi isifundazwe sesihlale ssihlaselwa yizikhukhula.
“Njengamanje sibhekene nezinhlekelele, izikhukhula ebusika kanjalo nasehlobo. Ngakho-ke, kufanele sihlele ngokuhambisana nalokhu, ukuthi siyiqinisa kanjani imithetho mayelana nemithetho kamasipala ekhona, indlela abantu abazakha ngayo izindlu zabo kanye nohlobo lobuchwepheshe esibusebenzisayo uma sakha imigwaqo.”
Uphinde wanxusa abahlali ukuthi bayeke ukwakha emaxhaphozini ngoba lokho kugcina kubenza babe sengozini yezikhukhula.
“Inselele enkulu ukuthi abantu bakha izindlu ezindaweni ezihlaselwa izikhukhula. Siyabanxusa ekutheni bakuyeke lokho. Uma umasipala uthi cha kumele abantu bakulandele lokho. Silandela isayensi futhi siqondiswa onjiniyela.
“Ngakho-ke, kubalulekile ukuthi wonke umuntu alalele uma sithi awukwazi ukwakha indlu lapha,” kusho uMabuyane.
Uthe umasipala uzohlinzeka usizo kulabo abakhahlanyezwe yizikhukhula.
Yize iziphathimandla bezihlola umonakalo, i-SAWS ixwayise ngokuthi isifundazwe asikakaphumi engozini njengoba kulindeleke imvula ngoLwesibili ebusuku.
Isazi sezulu sakwa-SAWS, uLelo Kleinbooi, sithe: “Isixwayiso esisawolintshi sesigaba sesithupha sesexwayiso semvula ephazamisayo sizoqala ukusebenza ngoLwesibili uma kubhekwa imvula elindelekile kanye nobungozi bemvula ezindaweni ezisogwini oluseningizimu.”
Esithombeni ngenhla: UNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane ehlola umuzi nomuzi Kwanobuhle ngemuva kwezimvula eziphazamisile ezidale umonakalo ngempelasonto.
Umthombo: Sithunyelwe