Lubhalwe ngCelani Sikhakhane
Ukulobola okungumkhuba wokupha umndeni wakamakoti izinkomo ezingu-11 ubhekene nengwadla esizweni samaZulu.
Imali ejwayelekile elingana nezinkomo ezingu-11 ingaphezu kuka-R100,000.
Izicelo zokuthi kuqedwe lo mkhuba ziye zakhula njengoba sekukhona abantu abanethonya abangenelele kulolu daba.
INkosi uNqayizivele Sithole oyiPhini likaSihlalo weNdlu yobuholi boMdabu namaKhoi San utshele i-Scrolla.Africa ukuthi lolu daba ludingidwa kakhulu nezifundiswa, abacwaningi, abadala kanye nabanye abathintekayo emiphakathini.
“Kunomsindo omkhulu ngokumba eqolo kwezinkomo ezingu-11 ezihanjiswa emndenini kamakoti.
“Sekuneminyaka eminingi ukukhokhwa kwamalobola kuyisiko lamaZulu.” Kodwa ngaphambi kobukoloni “abantu babekhokha mhlawumbe inkomo eyodwa noma ezimbili ukuze baqale ubuhlobo phakathi kwemindeni emibili okwakungumndeni kamkhwenyana nokamakoti.”
Umthetho wokuthi ilobolo kumele kube izinkomo eziyishumi nanye wethulwa uNobhala wezoMdabu wamaKholoni e-Natali uTheophilus Shepstone esizweni samaZulu ngeminyaka yango-1800.
“Kube neziphakamiso ezimbalwa futhi kukhona abafuna ukuthi lo mkhuba uqedwe noma ubuyekezwe,” kusho iNkosi.
Nyakenye ngesikhathi somkhosi womhlanga esigodlweni saseNyokeni KwaNongoma iNkosi uSifiso Shinga ongusihlalo weNdlu yoBukhosi boMdabu namaKhoi San wabeka lolu daba kwiSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini.
INkosi uThanduyise Mzimela ongusihlalo webhodi leNgonyama Trust utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bafuna uqedwe nya lo mkhuba.
Ocwaningweni olwashicilelwa ngo-2011 iNyuvesi yaKwaZulu-Natal olunesihloko esithi-Marriage and lobolo in Contemporary Zulu Society olwenziwa uDorrit Posel noStephanie Rudwick baveze ukuthi ukuhlalisana nokwehla ngendlela emangalisayo kwemishado kusukela ngo-1994 kudalwe yilo mkhuba omba eqolo.
Esithombeni esingenhla: Izinkomo