Lubhalwe nguDylan Bettencourt
● UFikile Mbalula ufuna ukushintsha imithetho ukuze izipaza zigcinelwe izakhamuzi zaseNingizimu Afrika kuphela.
● UMbalula uthi abanikazi bezitolo abangabokufika badayisa izimpahla eziyingozi futhi basiza izigebengu zigweme amaphoyisa.
Unobhala-jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, usenyomfe wafaka impukane obisini kumfelandawonye oholwa yi-ANC ngodaba lobunikazi bezitolo okuyizipaza.
UMbalula uthi i-ANC ifuna izipaza namabhizinisi amancane eNingizimu Afrika kuphathwe ngabakuleli kuphela, ethi abanikazi bezitolo bokufika badayisa izimpahla eziwumkokotelo neziyingozi.
NgoLwesihlanu uMbalula uthe kumele uhulumeni aguqule imithetho ukuze abokufika bangakwazi ukuphatha izipaza, nakuba labo abamukelwa kuleli bebalekela izimpi emazweni abo basengakwazi ukusebenza ezipaza okwamanje ngenxa yesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo.
“SiwuKhongolose, sitshele uhulumeni wethu ukuthi njengenqhubekela phambili nanjengengxenye yalo mkhankaso wezipaza, kumele sigcine amabhizinisi afana nezipaza kungezabantu bakuleli kuphela,” kusho uMbalula.
“Uhulumeni kumele ahlole, ngokomthetho wezwe, ukuthi lokhu kwenziwa ngesikhathi esifanele.”
Uthi abanikazi bezitolo bokufika bawisa amabhizinisi endawo ngezimpahla ezishibhile, eziphelelwe yisikhathi futhi basiza izigebengu ngokudayisa omakhalekhukhwini abakhethekile abagwema ukutholwa amaphoyisa.
“Ngokwezobunhloli siyazi ukuthi abanye, futhi iningi labo babukela phansi izenzo zobugebengu ezweni lethu,” kusho uMbalula.
UMbalula uhlasele abantu baseNingizimu Afrika abasiza abokufika ngokungemthetho ngokubaqashisa ngezindlu zomxhaso noma ngokubasiza bathole amaphepha.
Uphinde wachitha izincomo zokuthi kuvalwe izwe ngenxa yalezi zinkinga, wakubiza ngokuthi “umzamo obhedayo wokuqala isiphithiphithi”.
Uqhube wathi: “Labosomathuba abanalo uhlelo lokwakha iNingizimu Afrika kodwa bacekela phansi. Kubantu bakithi, sithi yenqabani lezi ziphazamiso futhi sihlale sigxile ekwakheni kabusha imiphakathi yethu nokudala amathuba abo bonke abantu.”
Khonamanjalo, uMbalula ubedinwe egane unwabu ngokudedelwa kombulali kaChris Hani, uJanusz Waluś, ethi uhamba “neqiniso letulo lokubulala” ngaphandle kokuvuma icala ngokuphelele.
Osesithombeni ngenhla: UFikile Mbalula.
Umthombo: Fikile Mbalula/X
