Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Ugesi ushokhe wabulala abantu abathathu ezigamekweni ezintathu ezehlukene kule mpelasonto edlule e-Gqeberha ngenxa yokuxhunywa kukagesi okungekho emthethweni.
UMasixole Nombewu (26), ungomunye wabashone ngenxa yezinyokanyoka. Utholwe elele ophahleni lwegumbi elingemuva egcekeni aqashe kulo ephethe izintambo entathakusa yangoMgqibelo.
Okhulumela amaphoyisa uPriscilla Naidu uthe isidumbu sikaNombewu sitholwe ngumuntu ohlala endlini enkulu ngehora lesibili ekuseni ngoMgqibelo.
“Umhlali ohlala endlini enkulu eku-Couta Street, e-Kuyga, e-Greenbushes, uzwe izinja zikhonkotha kwathi uma ephumela ngaphandle eyophenya, wafica umqashi elele ophahleni ephethe izintambo ezandleni,” kusho uNaidu.
Uqhube wathi kusolakala ukuthi uNombewu ubezama ukuxhuma ugesi egumbini lakhe elingemuva ngesikhathi eshokhwa ugesi.
Akuyena yedwa uNombewu olahlekelwe yimpilo yakhe ngaphansi kwezimo ezifanayo kule mpelasonto.
UNaidu uthe owesifazane oneminyaka engu-24 ubudala wase-Wells Estate naye ulahlekelwe yimpilo yakhe ngemuva kwezinsolo zokuthi uthinte izintambo zezinyokanyoka kwathi ngeSonto ekuseni, ibhungu lase-Booysens Park nalo lashokhwa ugesi lihamba endaweni evulekile.
Uthe omunye wabangani abehamba nabo uzamile ukumsiza kodwa ngemuva kokuthuka wasuka. Leli bhungu elineminyaka engu-18 ubudala lishonele endaweni yesigameko.
UNaidu uthe amaphoyisa anxusa izakhamizi ukuthi zihlukane nokuxhuma ugesi ngokungemthetho ngoba lokho kungaba yingozi.
Esithombeni ngenhla: Ukuxhunywa kukagesi okungekho emthethweni.
Umthombo Wesithombe: X