Izinyokanyoka zibulale intombazanyana yakhe

Everson Luhanga

UAnita Thebekwana ubesendlini encane ngesikhathi ezwa indodakazi yakhe eneminyaka emithathu uLikuwe ememeza embiza.

Bengicabanga ukuthi ingane yami yenza nje okwenziwa izingane ezincane,” kusho uAnita.

Wayengenayo indlela yokwazi ukuthi indodakazi yakhe yayilwela impilo yayo.

Ngesikhathi uAnita ephuma endlini encane, wathola indodakazi yakhe isezandleni zendoda eyayizama ukuhlenga indodakazi yakhe. 

Le ndoda yayidlula ngesikhathi izwa ukukhala kwengane. Yabona ukuthi ingane ibanjwe izintambo zikagesi eziphansi.

Intombazanyana yaphuthunyiswa esibhedlela la eyafika yashonela khona ezandleni zikanina emtholampilo waseMasakane ngesikhathi elinde ukuthi odokotela bamsize.

Engxoxweni nabakwa-Scrolla.Africa esemzini wakhe e-Alexandra, eGoli, uAnita uthe, indodakazi yakhe ibimlandela njalo lapho eya khona.

“Benginobudlelwano obukhethekile naye,” kusho uAnita.

“Ngesikhathi ngiya endlini encane indodakazi yami ibingilandela njengoba ihlale yenza. Ubemi ngaphandle komnyango ngesikathi ngikhiya umnyango wendlu yangasese ngemuva kwami.”

Uthe, ubesengaphakathi ngesikhathi ezwa indodakazi yakhe imbiza.

 “Amazwi athi Mama!” kungenzeka kube ngamazwi okugcina akhulunywa yile ntombazanyana.

UAnita uthe, indodakazi yakhe okuwukuphela kwayo futhi ibiyikho konke kuye.

Ubeyinjabulo yami.

“Bengimthanda kakhulu. Namanje angikholwa ukuthi akasekho,” kusho uAnita.

Lo mndeni usola omakhelwane abaxhuma ugesi ngokungemthetho bese beshiya izintambo zingamboziwe.

Udadewabo kaAnita omdala uBabalwa uthe, izingane azibazi ubungozi.

“Izingane zidlala ngezintambo zikagesi ebese imiphumela kuba ukushona,” kusho uBabalwa.

Okhulumela i-City Power uIsaac Mangena uthe, izikhulu zivakashele lo mndeni ngemuva kokwaziswa ngalesi sehlakalo.

“Sizobuyela ezindaweni lapho abantu baxhume khona amandla kagesi ngokungemthetho ukukhipha zonke izintambo zezinyokanyoka. Siluleka izakhamuzi ukuthi zingaxhumi ugesi ngokungemthetho. Akugcini nje ngokubiza idolobha izigidi kodwa kuyingozi,” kusho uIsaac.

Izihloko zakamuva