Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Kuze kwashona abantu ababili ukuze uMasipala waseNelson Mandela Bay uvume ukuthi imijondolo yase-Gqeberha ifakelwe ugesi.
Ngemuva kokushona kwabantu okudalwe ukuxhunywa kukagesi ngokungemthetho, izakhamizi zasemijondolo yase-Khayelitsha elokishini lase-Motherwell zixhunyelwe ugesi ngoLwesithathu.
Babalelwa ku-214 abahlali basemijondolo yase-Khayelitsha abahlomule esigabeni sokuqala sohlelo lukaMasipala waseNelson Mandela Bay lokufakwa kukagesi.
Okungenani abantu ababili balahlekelwe izimpilo zabo nyakenye ngenxa yokushokhwa ugesi oxhunywe ngokungemthetho kulo mphakathi.
UMphathi wezepolitiki ngaphansi kwezamandla nogesi kumasipala waseNelson Mandela Bay ikhansela uLance Grootboom, uthe isizathu esikhulu esenza bafake ugesi emijondolo ukwehlisa isibalo sokushona kwabantu kanye nokulimala okudalwe ugesi oxhunywe ngokungemthetho.
“Siyizwile imibiko yokushona kwabantu nokulimala ngenxa yokuxhunywa kukagesi ngokungemthetho. NgoMfumfu kukhona umama wakulo mphakathi owashona ngenxa yalezi zintambo ezibulalayo,” esho.
Ngesikhathi kuqhubeka umgubho wenjabulo uGrootboom uncome ikhansela lewadi uThanduxolo Doda ngokulwa nokuzimisela emihlanganweni yomkhandlu ukuze lo mphakathi uxhunywe kwigridi.
“Zibalelwa ku-600 ezinye izindlu kulo mphakathi ezisazoxhunywa kwigridi futhi sicabanga ukuthi lolu hlelo luzophothulwa ekupheleni konyaka wezimali ngoNtulikazi,” kusho ikhansela uDoda.
Isakhamuzi uNandipha Ndlela (37) uthe akasakwazi ukulinda ukuthi kunqanyulwe ugesi oxhunywe ngokungemthetho njengoba ehlezi ekhathazekile ngokuphepha kwezingane zakhe ezine.
“Siyajabula ukuthi ugesi oxhunywe ngokungemthetho uzosuswa njengoba sishonelwe ingane nowesifazane osemncane ngonyaka owodwa kulo mphakathi. Abanye baba nenhlanhla abashonanga kodwa balimala ngakho sijabule kakhulu,” kusho umama ongasebenzi.
UNdlela othembele kuphela emalini yesibonelelo sikahulumeni yezingane zakhe uthe kuze kube manje usephoqelekile ukuthi akhokhe imali engu-R150 nyanga zonke ngalo gesi oxhunywe ngokungemthetho ohambisana nezingozi ezinkulu.
Esithombeni esingenhla: Isakhamuzi sase-Khayelitsha sinqamula ugesi waso oxhunywe ngokungemthetho
Umthombo wesithombe: Anita Dangazele