Izinyane leNkosi lizoshadelwa yisithandwa seminyaka

Celani Sikhakhane

Selithumele abakhongi emndenini wengoduso yalo izinyane lokuqala leNkosi ekhotheme uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu ukulungiselela umshado walo.

UMntwana uSimakade kaZwelithini uphakathi kombango wesihlalo sobukhosi bakwaZulu, obuzoya enkantolo kuleli sonto.

UMntwana uSimakade uphezu kwamalungiselelo okushadelwa isithandwa sakhe sakwaMthenjane njengoba impi yesihlalo sobukhosi ivutha bhe.

I-Scrolla.Africa sithole isimemo esithunyelwe kumalungu ahlukene omndeni wasebukhosini ngeledlule nguMntwana uMbonisi waseKhwezi.

Umthombo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi amalobolo ebesevele esekhokhiwe umntwana uSimakade.

“Lesi isithandwa sakhe sesikhathi eside futhi ngicabanga ukuthi banengane eyodwa noma ezimbili. Sikhuluma nje kunamalungiselelo omshado. Bahlala ndawonye e-Ballito – ukuthi nje angilazi igama lengoduso,” kusho umthombo.

Umthombo uphinde waveza ukuthi iNkosi uMisuzulu nezingane zakwabo abamenyiwe kulo mcimbi obalulekile.

Umndeni kaMntwana uSimakade, okuhlanganisa nomfowabo iNkosi uMisuzulu kaZwelithini, bamatasa balungiselela ukuqulwa kwecala ngomhlaka-11 kuMasingana.

Umcimbi woMkhehlo, okuwumcimbi wesintu owenziwa ngaphambi komshado, uzokwenziwa sekusele izinsuku ezintathu ngaphambi kokuthi kuhlangane iNdlunkulu kaZulu eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu lapho okuzobe kuyingqophamlando yempi yokulwela isihlalo sobukhosi bakwaZulu.

UMntwana uMbonisi Zulu weseKhwezi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umcimbi uzoba ngomhlaka-8 kuMasingana ekhaya lomndeni wakwaNkosi eMtubatuba.

“Bengingazi ukuthi izindaba zalo mcimbi sezifinyelele nakuwe, kodwa ngizokhuluma naye ukuze anginikeze eminye imininingwane engizoxhumana ngayo kahle nabezindaba,” kusho uMntwana uMbonisi.

Igama likaMntwana uSimakade laphakanyiswa amanye amalungu aseNdlunkulu afuna kube nguyena ozoba iNkosi yamaZulu.

Umntwana uSimakade uxhaswe ngubabekazi wakhe oyihlubuka lasebukhosini uNkosazana Thembi Ndlovu, udadewabo uNkosazana Nombuso Chonco, iNdlovukazi uSibongile MaDlamini wakwaKhethomthandayo nabanye abaphikisana neNkosi uMisuzulu.

Izihloko zakamuva