Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
UMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa wakhishwa enkolweni uMfundisi Bhekizipho Khulekani BK Dludla wamfaka kwezombusazwe ngezikhathi zomzabalazo njengoba ayengumzalwane ongasukumi phansi esakhula noMfundisi Kenneth Meshoe we-African Christian Democratic Party.
Lokhu kuvezwe umholi wesigungu sikaKhongolose sesikhashana KwaZulu-Natal uMnuz Jeff Radebe ngesikhathi bebhonga emswaneni emndenini wakwaDludla e-Melmoth ngoLwesibili.
Exoxela umndeni, uRadebe uthe uBK Dludla wadlala indima enkulu ekufakeni ipolitiki kubefundisi nasemakholweni ukuze kuliwe noHulumeni wengcindezelo.
“Mina ngiqale ukumazi ngisafunda oNgoye ngenza iziqu zomthetho. Ngemuva kwalokho ukusondelana kwami naye kwakhula ngesikhathi sengisebenza nobaba u-Archie Gumede eThekwini okwabe kuyizingqalabutho zomzabalazo ayeyibambe nazo ishisa.
UMfundisi uDludla waqala umkhankaso wokushumayela ivangeli ngokuthi agqugquzele abefundisi ekutheni nabo babambe iqhaza emzabalazweni wokukhulula abantu abamnyama kuleli,,” kusho uRadebe.
Uqhube wathi ngemuva kwalokho uDludla waqhubeka nalo mkhankaso e-Soweto benenye ingqalabutho okwabe kunguMnuz Mandla Msibi ngaleyo minyaka nowayaziwa emzabalazweni womshoshaphansi kaKhongolose.
Uthi yilaphoke ivangeli lokufaka amakhohlwa kwezombusazwe likaDludla elamufica khona uRamaphosa wangena kwezombusazwe benoMfundisi Frank Chikane noMfundisi uMeshoe.
UBK Dludla okuyindlela abaziwa ngayo udlule emhlabeni eneminyaka engu-99 ubudala njengoba azalwa ngonyaka ka-1926.
Ngaphandle kwalokho ubaziwa kakhulu kwezeMfundo nasebandleni lakhe i-UCCSA kanti waqala ukuba nguSihlalo webhodi elilawula isikole iNanda Seminary ngo-1965 waze wehla esikhundleni ngeminyaka yo-1980.
I-IFP ikhale kakhulu ngokudlula kukaBK Dludla njengoba ikhumbule izikhathi ezimnandi nezinzima abagudle kuzo noMntwana wakwaPhindangene kusaliwa nengcindezelo.
UBK Dludla wake wahola nethimba labefundisi elaliyochazela uNdunankulu kaHulumeni wengcindezelo we-National Party okwabe kunguMnuz PW Botha bemtshela ukuthi izwe liyasha ayiphele lemithetho ecindezela abamnyama.
Wagcina esengumkhulumeli wesigungu salabo beFundisi.