Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Izintombi zesizwe saMazizi e-Bergville zivivela umkhosi woMhlanga ngemvunulo yokhokho bazo eyayigqokwa amatshitshi endulo.
Lokhu kulandela ukuthi omunye wabaNtwana baseMazizini, uMntwana uZakhiwozothando Mzizi eqale ucwaningo ngemvunulo yezintombi zaMazizi ukuthi zazigqoka kanjani.
“Lolu cwaningo ngilwenze ngokuthola ulwazi kogogo abebengichazela ukuthi izintombi zakudala zesizwe sethu zazigqoka kanjani. Njengoba siyeMhlangeni wakulo nyaka, sihlele ukuthi zonke izintombi zaMazizi zivunule ngokwesizwe sethu,” kusho uMntwana uZakhiwozothando.
Le mvunulo ihamba nengubo enoboya obungathi obemvu, bese ibanokusasigqoko ongathi esamaSwati noma esamaJaphani.
UMntwana uZakhiwozothando nodadewabo bebehlobe ngale mvunulo emcimbini wokugcotshwa kweNkosi uMzamo Buthelezi waseMbongombongweni Ophongolo.
Kwenzeka lokhu nje umkhosi woMhlanga uzobe ugubha iminyaka engu-40 wavuselelwa uMdlokombane noNdlunkulu uMantfombi kaSobhuza.
Ngaphandle kwalokho isizwe saMazizi sisabalele ezingxenyene ezahlukene zaseNingizimu Afrika okubalwa nasezweni laseSwatini kube iziFundazwe iKZN ne-Eastern Cape.
KwaZulu-Natal aMazizi atholakala e-Bergville kanti ngonyaka odlule inkosi yakhona yabekwa ngokusemthethweni esihlalweni iSilo uMisuzulu kaZwelithini.