“Izintombi azihlukane notshwala” kusho iSilo samaZulu

Celani Sikhakhane

ISilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini utshele izintombi ebezigcwele kumgubho woMkhosi woMhlanga waminyaka yonke kwaNongoma ngoMgqibelo ukuthi zikhohlwe utshwala zigxile ezifundweni zazo. 

Kumgubho wakhe wokuqala woMkhosi woMhlanga selokhu eqokiwe njengeSilo uxwayise abantu eSigodlweni Enyokeni ukuthi akuzwakali kahle ukuzwa ukuthi izintombi seziphuze utshwala.

“Kuyashaqisa ukuthi ngisho izingane esikoleni ziphuza utshwala. Lesi akusona isibonelo esihle esingasithatha njengesizwe. Kumele sigxile kwezemfundo,” etshela izintombi ebezihambele uMkhosi woMhlanga ebezijabule, wengeza ngokuthi utshelwe ukuthi izintombi ziphuza ngaphezu kwabantu besilisa.

Lo mgubho ogcine ukwenziwa ngonyaka ka-2019, uwumcimbi wokubungaza usiko lwamaZulu osekuphele amakhulu eminyaka wasungulwa.

Izintombi ezisuke zihambele lo mgubho zisuke ziyofundiswa ukuziphatha ziyalwe izalukazi ezihlakaniphe kakhulu ezazi amasiko asendulo akuleli.

Ezikhathini zakamuva, lo mgubho usetshenziswe njengethuba lokuthi kuxoxwe ngezinkinga esibhekene nazo  kulokhu bekukhulunywa ngokuphuza utshwala.

Kodwa esikhathini esiningi isixuku besiphazamisa inkulumo yeSilo ngokuhayiza nangokumemeza kwenjabulo njalo uma simamatheka.

ISilo samaBandla sibuye sahlaba ikhwelo kulabo abazama ukumehlisa esikhundleni.

“Ngicabanga ukuthi kukhona abazolala ezibhedlela namhlanje ebusuku bafakwe amadriphu odokotela,” kusho iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini, ekhuluma ngokuxoshwa kukamfowabo uMntwana uSimakade esigodlweni ngezandla zamaphoyisa.

Ngaphambi kokuthi akhulume UNdunankulu uMntwana uMangosuthu Buthelezi uhlengezele izinyembezi ngesikhathi ethula iSilo  esiteji. UMangosuthu uthe akakholwa ukuthi iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini usesihlalweni sobukhosi njengoba bebaningi kangaka abebephikisana ngokunyuka kwakhe esihlalweni.

“UMntwana uSimakade idimoni elazama ukungena eSigodlweni Enyokeni ngokungemthetho, kumele akhohlwe ngoba esihlalweni sobukhosi kubekwe iSilo uMisuzulu kaZwelithini,” kusho uButhelezi.

Ezintatha zangoLwesihlanu amaphoyisa agasele esigodlweni asusa ngendluzula abeseka uMntwana uSimakade.

UButhelezi uphinde wamemezela ukuthi ngomhlaka-29 kuMfumfu uMengameli uCyril Ramaphosa uzonikeza iSilo isitifiketi sokumamukela ngokusemthethweni njengeSilo sesizwe samaZulu kanti lowo mcimbi uzobanjelwa enkundleni i-Moses Mabhida.

Okhulumela iNdlunkulu uMntwana uThulani Zulu utshele i-Scrolla.Africa ukuthi cishe izintombi ezingu-50,000 ebezihambele umgubho woMkhosi woMhlanga ngoMgqibelo.

Izihloko zakamuva