Menzi Magubane
I-Liverpool iphenduka inhlekisa njengoba wonke amaqembu akwi-English Premier League efuna ucezu lwayo.
NgoMgqibelo ompetha beligi ababusayo baphinde bahlulwa ekhaya okwesine kulandelana.
Ishaywe yi-Everton ngamagoli amabili eqandeni emdlalweni we-Merseyside derby.
Lokhu kube yimpumelelo engumlando kuma-Toffees agcine ukuhlula izimbangi zawo kwiligi e-Anfield ngowezi-1999.
Kodwa-ke lolu bekuwusuku olubi kakhulu ku-Liverpool kanti bekuwukunqoba kwi-Everton.
Baqhubekile nokuqopha umlando ngazo zonke izizathu ezingalungile kule sizini.
Kungokokuqala ngqa kusukela ngowezi-1923, i-Liverpool ilahlekelwa yimidlalo emine kulandelana ekhaya.
Ngesikhathi behlulwa ngabaholi beligi i-Manchester City ngesonto eledlule kwaba ukuhlulwa kwabo okwesithathu kulandelana e-Anfield okokuqala ngqa kusukela ngowezi-1960.
Lena yisizini embi kunazo zonke kuJurgen Klopp selokhu ajoyina i-Liverpool esuka kwi-Brussia Dortmund yase-German ngowezi-2015.
Ngesizini edlule, uKlopp ube yiqhawe le-Reds ngemuva kokuyihola empumelelweni yomlando weligi.
Iminyaka emihlanu ephethe i-Liverpool, wabanqobela isicoco sabo sokuqala se-Premier League ngemuva kweminyaka engama-30.
Lo mlisa wase-German uthetbise abadlali bakhe ababebudlabha bavumela igoli ukuba lingene emizuzwini emithathu nje kuphela umdlalo uqalile.
“Kunzima ukuthatha kodwa silivumile leli goli lokuqala ebelingenasidingo futhi bekufanele silivikele kangcono,” uyasho.
UKlopp uphinde ubekhungatheka ngokwehluleka kwe-Liverpool ukuthatha amathuba abawathola ku-derby ebabazekayo.
“Bekumele siwujahe lo mdlalo futhi sikwenze kahle ngobuhlakani. Siwenzile amanye esiwombeni sokuqala futhi amanye ngaphezulu ngesiwombe sesibili kodwa asiqedanga. Senze iphutha elilodwa esiwombeni sokuqala base beyalisebenzisa.”
Ukwehlulwa kushiye i-Liverpool inamathuba anciphile okudlala ku-UEFA Champions League ngesizini ezayo – ngaphandle kokuthi, ngempela, inqobe i-Champions League yale sizini.
Isicoco seligi asisekho ezandleni zabo manje futhi i-Man City ibukeka isezinhlelweni zokuyinqoba kule sizini.
Eminye imiphumela ye-EPL
I-Wolves 1-0 i-Leeds; I-Southampton 1-1 i-Chelsea; I-Fulham 1-0 i-Sheffield United; I-Burnley 0-0 i-West Brom.
Umthombo wesithombe: @yapompiow