Dylan Bettencourt
Ifu elimnyama legciwane lokhuvuthe ebelilenga phezu komqhudelwano we-British and Irish Lions kubukeka sengathi selidlulile njengoba womabili amaqembu i-B&I Lions kanye namaBhokobhoko eziqeqesha eKapa.
Njengoba imidlalo ehlehlisiwe futhi yakhanselwa ibikhathaza amasonto okuvula omqhudelwano, ukuqhubeka kwemidlalo kubukeka kusesilinganisweni kodwa manje umqhudelwano ubukeka uzoqhubeka.
UWarren Gatland neqembu lakhe lama-Lions bazobhekana neNingizimu Afrika ekwisigaba-‘A’ ngoLwesithathu ekuqhubekeni nokulungiselela uchungechunge lwabo lwemidlalo emithathu abazoyidlala namaBhokobhoko, abangompetha beNdebe yoMhlaba njengamanje.
AmaBhokobhoko abike abadlali abayishumi ngesonto eledlule abahaqwe ukhuvethe kubalwa nokaputeni uSiya Kolisi. Kodwa-ke, njengoba ukuqeqeshwa kuqhubeka futhi nabadlali belulama, umdlalo wokuqala wokuhlolwa ne-British Lions mhla zingama-24 kuNhlangulana ubukeka ukulungele ukuqhubeka.
UMqondisi we-Rugby yaseNingizimu Afrika uRassie Erasmus uthe: “Umdlalo wokuqala wokuhlolwa ne-B&I Lions ubusengqondweni yethu cishe kusukela ngosuku esinqobe ngalo iNdebe Yomhlaba Yebhola Yombhoxo. Ukuba lapha eKapa ukulungiselela amalungiselelo okugcina kuyajabulisa impela.”
I-B&I Lions isakujabulele ukuvakasha okuyimpumelelo eNingizimu Afrika kuze kube manje ngokunqoba muva nje ngo-71-31 bebhekene ne-Cell C Sharks. Ukunqoba kwabo kathathu kuzobanikeza umfutho obheke empini yabo namaBhokobhoko abenesikhathi esincane kakhulu sokdlala nezimbangi zawo.
UJacques Nienaber nabadlali bakhe basadlale umdlalo owodwa wokuzifudumeza bedlala neqembu elikwisigaba sesibili i-Georgia, kwathi umdlalo wesibili wakhanselwa ngenxa yokusabalala kokhuvethe kuzona zombili izikwati.
Umthombo wesithombe: @TheSun