Izinto ezinhlanu obungazazi ngoLalela Mswane, uMiss SA omusha

Sizwe Sibiya

Ozalelwe esigodini esincane esibizwa ngokuthi KwaSokhulu e-Richards Bay KwaZulu-Natali, uMiss South Africa wangonyaka wezi-2021 uLalela Mswane, uthweswe umqhele emcimbini obusezingeni eliphezulu obuse-Grand Arena eKapa ngoMgqibelo.

Umcimbi wokuthweswa umqhele ubuphethwe ngumsakazi nomethuli wezinhlelo zikamabonakude u-Anele Mdoda kanye nomethuli wezinhlelo uNico Panagio osanda kuthola isikhala ohlelweni olubizwa nge-Savior SA oludlala ku-M-Net.

Ube qhudelana nomshayeli wendiza kanye nomqeqeshi wezindiza uCheneil Hartzenberg noJeanni Mulder, oyintombi kaChad le Clos ongumbhukudi. 

ULalela, omangaze isixuku ngesikhathi enze isitayela se-ponytail ekhanda uphinde wanqoba kulo mcintiswano.

Eminyakeni emibili eyedlule, uMiss SA wangonyaka wezi-2016 uZozibini Tunzi walwa nanoma ikuphi ubunzima ngezinwele zakhe ezimfishane zemvelo kanti ngonyaka olandelayo, uMiss 2020 uShudufhadzo Musida wayemodela egunde imbunculu ekhanda. 

Amaqiniso amahlanu ahlekisayo ngoMiss SA 2021:

● Uyamodela aphinde adanse futhi uneziqu ze-Law azithweswa enyuvesi yasePitoli. 

● Ngesikhathi eneminyaka eyi-18, waba umgijimi wokuqala ukungenela umncintiswano we-Matric Experience pageant yangonyaka wezi-2015.

● Unodadewabo oneminyaka engama-37 okuthiwa uHlobisile nomfowabo oneminyaka engu-35 obizwa ngoMavela abadala kunaye. 

● “Wayencela” isithupha sakhe iminyaka eyi-18 selokhu afika emhlabeni. 

● Uthanda ukudla i-sea food aphinde athande ukubuka umdlalo obizwa nge-Devious Maids. 

Njengoba ebe nohambo olumnandi ngaphambi kwakhe kulo mncintiswano, uLalela ubethe uma ephumelela, angathanda ukuhlangana noNgqongqoshe wezokuqasha Nezabasebenzi, uThulas Nxesi. Uchaze lo mgomo omangazayo ngokudalula ukuthi uzinikele “ekwehliseni izinga eliphezulu labantu abangasebenzi”.

Ngabe unguMiss Universe olandelayo? Kuzofanele silinde kuze kube nguZibandlela ukuthola lokho

Umthombo wesithombe: OficialMissSA

Izihloko zakamuva