Izinto azimuhambeli kahle uLarsen

Intatheli ye-Scrolla.Africa

Lo unyaka wesibili kulandelana ukuthi iqembu eliqeqeshwa nguClinton Larsen lisezansi kwe-log.

NgoLwesithathu, lo mqeqeshi owake waqeqesha iBloemfontein Celtic, iMaritzburg United kanye neGolden Arrows uhlulekile ukuhlenga iBizana Pondo Chiefs ekubeni yehlele kwi-ABC Motsepe League.

Ngesizini edlule, uLarsen ubengumphathi wePolokwane City, ekhishwe kwi-GladAfrica Championship.

IChiefs ibingomafikizolo kwi-GladAfrica Championship.

Njengoba sekusele imidlalo emithathu ukuthi kuphothulwe isizini, iChiefs ikwazile ukuthola amaphuzu angama-20 kuphela emidlalweni engama-27.

ULarsen ujoyine le kilabhu ngoNdasa ethatha izintambo kuTshepo Motsoeneng.

Ukwehluleka ukuqeqeshela elinye iqembu empumelelweni ngokuqinisekile, kuzokwehlisa isithunzi segama lakhe futhi amaqembu amaningi angahle angafuni ukusebenzisana naye uLarsen ngokuzayo.

Ngesikhathi ejoyina leli qembu elizinze eThekwini uthe wancengwa ngusihlalo wekilabhu uNathi Mqokiyana ukuthi eze azotakula ikilabhu yakhe ebisivele icwila.

ULarsen akatholakalanga ukuba aphawule.

Kweminye imidlalo, iRichards Bay isesicongweni se-log yize ihlulwe ngo 1-0 yiTS Sporting e-Kabokweni, eMpumalanga ngoLwesithathu.

IBay isiqoqe amaphuzu angama-45 emidlalweni engama-27 kanti iSporting isendaweni yesithathu ku-log ngamaphuzu angama-43 avela kunani elifanayo lemidlalo.

IPretoria Callies ihlulwe ekhaya ngo 2-1 yiSekhukhune United esendaweni yesine, iJDR Stars inqobe ngo 2-1 ibhekene neJomo Cosmos kwathi iCape Town Spu yadlala ngokulingana ngo-1-1 ibhekene neRoyal AM ebekwe endaweni yesibili.

ICape United ishaye iPolokwane City ngo-1-0, iFree State Stars yadlala ngokulingana ngo-1-1 ibhekene neSteenberg United kwathi Uthongathi labuya nethuba ngokushaya i-University of Pretoria ngo-1-0.

Umthombo wesithombe: @FARPostZA