Izinto azihambi ngendlela yomqeqeshi weBafana

Menzi Magubane

Isifiso somqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos sokudlala namaqembu asezingeni eliphezulu sishaywa indiva njengoba i-Safa isibuyele ezindleleni zayo zakudala.

Esikhundleni sokuhlelela amazwe asezingeni eliphezulu imidlalo yobungani, iBafana izodlala ne-Botswana esezingeni eliphansi ne-Sierra Leone kweyobungani.

Ekuqaleni konyaka uBroos walibeka ngembaba elokuthi ufuna ukubona iBafana iqhudelana nezihlabani zomhlaba. Uthe iBafana yakhe esakhula ayisoze yafunda lutho ngokudlala namazwe asezingeni eliphansi njenge-Botswana noma i-Mozambique.

Ngasekupheleni kwale nyanga amaqembu esizwe azongena phakathi kwemidlalo yawo. IBafana kulindeleke ukuthi iphinde igijime ngemuva kokuthi i-Safa ikwazile ukuyihlelela imidlalo emibili yobungani – kodwa ibhekene namaqembu uBroos abengafuni ukudlala nawo.

Njengamanje i-Botswana ibekwe endaweni ka-146 emhlabeni kanti i-Sierra Leone ibekwe ku-113 ohlwini lwe-Fifa olushicilelwe ngoNcwaba. IBafana ihlezi endaweni ka-68.

NgoNdasa uBroos wafuna ukuthi i-Safa ihlele amaqembu asezingeni eliphezulu ukuze ithuthukise izinga leBafana.

Amaqembu asezingeni eliphezulu uBroos awathole ku-Safa ngoNdasa ngemuva kokuthi lo mqeqeshi wase-Belgium ekhiphe izimfuno zakhe, i-France ne-Guinea. Akuzange kube kuhle ukuphuma kuBafana njengoba ithelwe ngehlazo i-France eyayishaya ngamagoli amahlanu eqandeni yadlala ngokulingana ne-Guinea.

Kodwa kuBroos kwafundwa kuleyo midlalo futhi wayefuna abaqashi bakhe baqhubeke nokumnika lawo mazinga amaqembu azodlala nawo.

Ukugwema ukusebenzisa imali ngokudlala namaqembu amakhulu i-Safa ibizosungula imidlalo ne-Botswana, i-Lesotho, i-Namibia noma i-Zimbabwe ngesikhathi sekhefu. 

Kubukeka sengathi lo mqeqeshi wase-Belgium kuzomele azijwayeze indlela ye-Safa yokwenza izinto.

Umthombo wesithombe:@NewFrame

Izihloko zakamuva