Lubhalwe nguRazeen Gutta
Kusuka ekudleni ukudla okunempilo, ukunakekela isimo sengqondo kanye nokugeza endaweni eneqhwa nazi ezinye izindlela abanye abasubathi abahamba phambili e-Afrika abazisebenzisayo.
Ngokubika kwe-BBC Sport Africa, iqembu labasubathi abahamba baphambili liveze izindlela zabo zokuhlula labo abamelene nabo.
Umdlali webhola lezinyawo e-Mali u-Oumar Sissoko ugxile ekudleni amaphilisi avula inhliziyo ukuze azigcine esesimweni esihle emsebenzini osekuyiminyaka cishe eyishumi ewenza.
“Ngithatha amaprotheni, ngithatha ama-boosts, ngiphuza iziphuzo ezinikeza amandla noma ukudla. Ngiphinde ngithathe i-energy chewing gum. Ngokuvamile phakathi nomdlalo ngithatha yonke into ezongisiza ngithole amandla ikakhulukazi izinto ezihambisana ne-hydration.”
“Le mikhiqizo mhlawumbe ingilekelela ekwenzeni izinto ngo-30-40%. Futhi kungisiza ukuthi ngithuthuke emsebenzini wami wansuku zonke.
Futhi ngiyazi ukuthi ngokuvamile zonke lezinto zihloliwe futhi akuyona imikhiqizo ye-doping.”
Umshayisibhakela ozalwa e-Morocco, uKarim Ghaiji uzijwayeza ukudla okunomsoco ukuze ahlale esigabeni sakhe sesisindo kanti umdlali we-ice skate uMae-Berenice Meite uzibiza ngokuthi ungumuntu ovumelana nezimo.”
“Eqinisweni kumayelana nabantu abadla ukudla okuqhamuka kwizitshalo, kodwa abaphinde badle inyama nenhlanzi,” kusho uMeite etshela i-BBC Sport Africa.
Akusikho konke okumayelana nokudla, isihlabani se-judo u-Asmaa Niang uthi ukuhlala endaweni ebandayo kumgcina epholile njengoba elungiselela imidlalo yama-Olympic.
“Ukuzigcina unempilo kumele ufunde ukuphefumula, ukulawula ingqondo kanye nokugeza eqhweni.”
“Ngivame ukugeza endaweni enamakhaza ekuseni nasebusuku futhi kabili noma kathathu ngesonto ngigeza endaweni eneqhwa eliphakathi kuka-0 kuya ku-5°.”
UMeddy Elice odabuka endaweni yase-Caribbean, e-Guadeloupe unethemba lokumela i-France kuma-Olympics. Usebenzisa indlela eyaziwa ngokuthi ukubona ngeso lengqondo ukuze ahlale eqaphile.
“Nginemizwa engiyizwa ngaphansi kwezinyawo zami ngisho nephunga nakho konke okwenziwa ngaleso sikhathi.
“Kungenza ngibe ngcono ekubambeni isimo esizokwenzeka noma esesivele senzekile.
“Lokhu kusho ukuthi uma ngibhekene nesimo esiyinkinga futhi esizoba nzima kakhulu, ngiyakwazi ukucabanga ngendlela ehlukile ngiqinise izindawo zokuthuthuka esikhathini esizayo.
“Uma ngiphinda ngihlangabezana nesimo esifanayo ngiyakwazi ukugxilisa umqondo wami kuso lokhu kwenza izinto zibe lula kimina kakhulu.”
Isithombe esingenhla: U-Asmaa Niang onefulegi lase-Morocco
Umthombo wesithombe: @judocasa