Izintatheli ezingama-45 zaseNdiya zinqotshwe yi-Covid

Arthur Greene

Ngo-7.52 ntambama mhla zi-16 kuMbasa, intatheli eneminyaka engama-65 ubudala yase-Lucknow, eNdiya ibhale ku-twitter isekhaya.

Kuhunyushwe kusuka kusi-Hindi, kufundeka kanjena, “Odokotela kanye nezibhedlela esifundazweni sakho bonke sebezimele. Ngineminyaka engama-65 ubudala. Ngine-spondylitis. Izinga le-oksijini emzimbeni wami lehle lafika kuma-52. Asikho isibhedlela, ilebhu noma udokotela obamba ucingo lwami.”

Bekuwukuncenga usizo. Ngenkathi isimo sikaVinay Srivastava siba sibi, waqhubeka nokudlulisa izimpawu zakhe ze-Covid-19 ezikhulwini zendawo ku-Twitter, ngenkathi indodana yakhe ishayela imoto isuka esibhedlela iya kwezinye ibancenga ukuba bamukele uyise.

Ngo-3.15 ntambama ngosuku olulandelayo, uSrivastava ubhale ku-twitter ebhalela umeluleki wezindaba wezikhulu ethi: “Njengamanje i-oksijini yami isingama-31 kanti umuntu ozongisiza uzofika nini.” Kubikwa ukuthi ushone ngemuva kwemizuzu.

Izinga le-oksijini elingaphansi kwama-90 lithathwa njengeliyingozi.

USrivastava ungomunye wezintatheli ezingama-45 ezinqotshwe yi-Covid-19 eNdiya emasontweni amabili edlule.

Bona kanye nabanye abangamakhulukhulu ngalesi sikhathi, basebenze ukugqamisa ukubhebhetheka kwe-Covid eNdiya, okuveze ukuthi bangaphezu kwezigidi eziyi-18 abantu abahaqwe yigciwane, kanti isibalo sabantu abashonile sesingaphezu kwezi-201,000.

Babike ngezibhedlela ezisebenza ngokweqile eziphelelwa imibhede, i-oksijini kanye namazinga aphansi kakhulu okugoma nokuhlola.

Izikhungo zezindaba zikazwelonke nezasekhaya kubikwa ukuthi zithumele izintatheli ezibhedlela, ezikhungweni zokushisa izidumbu nasezindaweni zokungcwaba ukuqoqa imininingwane enembayo yokufa, ngoba izibalo zikahulumeni ezisemthethweni oongoti bakholwa ukuthi zibukelwa phansi kakhulu.

Intatheli ye-BBC India uSoutik Biswas ibike ngoLwesithathu ukuthi iningi lezintatheli zakuleli zabelana ngemininingwane ku-Whatsapp.

Ngesikhathi intatheli ibulawa yi-Covid-19 esifundeni esiseningizimu ye-Andhra Pradesh, umyalezo owodwa ufundeke kanje,

“Kubuhlungu ukushiywa nguzakwethu kanjena. Kwangathi angaphumula ngokuthula futhi uNkulunkulu angasipha amandla okulwa.”

UBiswas wabelane ngomunye umyalezo, mayelana nentatheli yase-Delhi “ebihefuzela” ekhaya wathi:

“Uhleli yedwa ekhaya. I-oksijini yakhe yehle yaze yafika kuma-80. Ngicela usize ngesilinda.”

Iphephandaba i-Press Emblem Campaign ishicilele ukushona kwezintatheli ezingaphezu kwe-100 eNdiya ngenxa ye–Covid-19 kuze kube manje, kodwa inani langempela – njengokufa okuphelele kwezwe – kungenzeka ukuthi liphakeme.

Umthombo wesithombe: @ajplus

Scrolla World Cup Quiz