Everson Luhanga
I-Alex Pan Mall ibishiywe dengwane ngeSonto ekuseni.
Ukube ubuyibona okokuqala, ubungacabanga ukuthi akukaze kubekhona ukuhweba lapho unyaka wonke.
Lesi sikhungo besingasenabantu, simoshiwe, futhi sigqekezwe ngabaphangi abathi bangabasekeli balowo owayenguMengameli wezwe, uJacob Zuma.
Kubikwa ukuthi kudutshulwe kwabulawa umuntu oyedwa kulandela ukuphanga ebusuku futhi amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi aphenya ngokudutshulwa kowesilisa oneminyaka engama-40.
Iphoyisa elilodwa lilashelwa esibhedlela ngemuva kokudutshulwa ngabaphangi ngenkathi livimba udlame.
Okhulumela amaphoyisa uBrenda Muridili esitatimendeni uthe amanye amaphoyisa amabili athole imihuzukwana lapho ebhekene nabasolwa.
Kuze kube manje kuboshwe abantu abayi-18.
Amaphoyisa abize leli qembu ngezigebengu futhi ngosomathuba.
Amaphoyisa kudingeke ukuthi adubule ngezinhlamvu zenjoloba ukuze kuhlakazeke isixuku sababhikishi ebesigqekeza isitolo i-USave. Izigilamkhuba ziphinde zabhoma i-ATM futhi zazimatasa zithatha imali ngesikhathi kufika amaphoyisa eqala ukudubula.
Iloli lakwa-Pick n Pay ebelidlula limisiwe, lagqekezwa laphucwa konke okuyigugu, kufaka phakathi udizili nebhethri leloli.
Lapho abanye abantu bendawo abakhathazekile belunywa indlebe ngokuthi kuzophangwa isitolo sesipaza, balinda eduze kwesitolo ngezimvubu futhi babhaxabula wonke umuntu obezama ukugqekeza.