Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Amaphoyisa axwayisa abantu ngokwenyuka kobugebengu ku-inthanethi lapho abathengi bebanjwa inkunzi.
UCaptain Granville Meyer ovela esiteshini seSAPS ePhilippi-East uthe abathengisi bahlela ukuhlangana nabathengi. Endaweni abahlangana kuyo owesilisa iyisa umthengi endaweni ethulile lapho amadoda ahlomile abe esephuma khona amgebenge.
“Izigebengu ziphoqa abagilwa ukuthi bakhiphe imali nge-app yabo yasebhange ngaphambi kokubaleka,” kusho uMeyer.
“Kwesinye isikhathi baphinde bantshontshe izimoto zabagilwa. Siyabaxwayisa kakhulu abantu ukuthi bagweme ukufuna ama-bargains ezinkundleni zokuxhumana. Kumele basebenzise izinkampani noma izinhlelo zokusebenza ezaziwayo futhi baqaphele.”
UZiyanda Mbusi isakhamuzi sasePhilippi, sithi siyamangala ukuthi abantu namanje basazithola bengena obishini lobugebengu baku-internet naphezu kwezixwayiso.
“I-SAPS isixwayise iminyaka, kodwa abantu balokhu behambela izindawo eziyingozi. Akusekho okunye okungenziwa yi-SAPS uma abantu bengalaleli,” kusho yena.
UMbusi uthukile ezwa ngabantu ababanjwe inkunzi ePhilippi naseCrossroads emuva kokuya khona beyothenga izinto ezifana nama-drones nezikebhe.
“Kumele siyeke ukulindela amadili ashibhile (cheap deals). Kuphephile ukuthenga edolobheni lapho lezi zigameko zingavami khona,” kusho yena.
Isithombe esingenhla: Amaphoyisa asePhilippi-East axwayisa umphakathi ngemikhonyovu ye-inthanethi lapho izisulu ziyengelwa ezindaweni ezithule ukuze zigetshengwe.
Umthombo: UBuziwe Nocuze