
Elmon Tshikhudo
UJohn Tshamaano Thahame wase-Hamangau ngaphandle kwase-Makhado wazalwa ngonyaka ka-1961, wadlula emhlabeni ngoNdasa ngonyaka ka-1989 ngemuva kokugula.
Wangcwatshwa waphinde wenzelwa nomcimbi wokwembulwa kwetshe elalinegama lakhe okwenziwa ngalowo nyaka ashona ngawo kanti umndeni wawujabule ngokuthi isihlobo sabo sesilele ngokuthula endaweni yaso.
Kodwa manje kubonakala sengathi uJohane usaphila kwenye ingxenye yezwe!
Izinto zijike isimanga ngesikhathi ilungu lomndeni elisebenza egaraji likaphethiloli e-Bandelierkop, ebangeni elingamakhilomitha angu-50 ukusuka emzini walo, libona umuntu ojwayele ukuza egaraji ezocela ukudla.
Ngemuva kokumxoxela lolu daba alusolayo wavele wanyamalala wangabe esafika egaraji. Bekuyisonto eledlule lo wesilisa ephinde ebuya wavuma ukuthi isihlobo.
Ilungu lomndeni elingathandanga ukudalulwa igama, likuqinisekisile ukuthi lo mlisa unezinto ezibenza baqiniseke ukuthi uyisihlobo sabo.
Umbuzo abazibuza wona ukuthi, ubani abamungcwaba ethuneni likaJohn?
“Isidumbu esasingcwaba asizange sihlolwe kahle ngaphambi komngcwabo wangempela. Akukho okuningi esingakusho ngalokhu kodwa sizokwenza ulibofuzo oluzoxazulula le nkinga,” kusho isihlobo.
Amaphoyisa endawo akuqinisekisile ukuthi babizwe umndeni ngemuva kokuthi umphakathi uqale ukuhlangana emzini wabo.
“Sithole iqulu labantu endlini. Sathola owesilisa ongakwazi nokukhuluma. Umndeni uthi uyisihlobo sabo futhi angeke sikwazi ukubathathela izinqumo,” kusho amaphoyisa.
“Sizolinda kuze kwenzeke zonke izinhlelo. Ukuhlolwa kolibofuzo kuzoqinisekisa iqiniso.”